Mbali Khanyile
KUVAMILE ukuthi abangazisebenzisi iziphaqulo ibathuse indlela abazipenda ngayo labo abazisebenzisayo.
Abanye abasuke bengakwazi wukuthi zehlukene izizathu ezenza ukuthi abantu baziphaqule. Kukhona abasuke befihla izibazi namabala ebusweni kanti abanye basuke benzela ukunyusa izinga lokuzethemba.
Ungoti wokuziphaqula uNksz Siza Chili, uthe abesifazane kumele baqikelele ukuthi iziphaqulo kabazigcobi ngoba befuna ukushintsha indlela ababukeka ngayo.
“Uma uziphaqula akumele ukwenze ngendlela ezokwenza ukuthi ushintshe indlela obukeka ngayo,” kusho uNksz Chili.
Uthe okunye okwenza abantu bagcine sebengaqondakali indlela abasuke bezenze ngayo ebusweni, wukugcoba imibala ehlukle embaleni wesikhumba sobuso nentamo.
Imvamisa abantu abangaqapheli imibala yesikhumba sabo bagcina sebeba nentamo nezandla ezehluke kakhulu kunombala abasuke bewugcobe ebusweni.
Okumele abantu bakuqaphele ngaso sonke isikhathi wukuthi bangalenzi ihaba uma besebenzisa iziphaqulo ukuze ingaciki into abasuke beyenze ebusweni babo ngokusho kukangoti.
“Ukuziphaqula kwasebusuku nokwasemini akufani ngakho abantu kumele bakuqonde nalokhu ukuze bangashayi eceleni uma bezihlobisa. Kuyasiza nokuthi abantu babuke ama-video kuYoutube ngokuziphaqula,” kweluleka uNksz Chili.
Nakhu okumele ukuqaphele uma uziphaqula:
- Umbala wesikhumba kumele uhambisane neziphaqulo
- Indlela yokuziphaqula yasemini ayifani neyasebusuku
- Ukuziphaqula okungenalo ihaba yikona okubukeka kahle ukwedlula efakwe ngehaba
-Qikelela ukugezisisa ngaphambi kokuthi ulale ukuze ugweme ukonakala kwesikhumba