AKUSAJWAYELEKILE ukuthi ubone ubuso bowesifazane ongaziphaqulile ngisho uzihambela emgwaqweni kulezi zinsuku.
Ukupendwa kwemilomo ngemibala enhlobo nhlobo, okusapende okuhambisana nebala lowesifazane (foundation) nemibala efakwa ngenhla kwamehlo, ongoti bathi kungenise ngendlela engakaze ibonakale.
Kungenise kunjalo, kodwa labo ngoti bakhuza umhlola kulaba besifazane abathi baziphaqula kuze kweqe, bagcine befana nse nopopayi noma abalingisi basesteji.
Bathi lokhu kuyihlazo elingakaze libonakale.
Ungoti weziphaqulo, uLwazi “Diva Cadach” Blose weGlam Up, uthe okokuqala nje i-make up yayingadalelwe ukuthi usetshenziswe zonke izinsuku njengoba abesifazane sebenza.
Neziphaqulo zasemehlweni nazo okubukeka zingenisile, uthi zinobukhulu ubungozi esikhumbeni.
“Akekho umuntu okufanele abukeke njengesihlahla sikaKhisimusi noma upopayi. Indlela abantu esebeziphaqula ngayo, basebenzise nemibala egqamile noqhakaza ebusweni ayifanele. I-make up yehluke kaningi. Kukhona efanele ukugcotshwa emcimbini ethize kukhona naleyo efanele ukugcotshwa abasuke bedlala imidlalo yasesteji.”
Uthi kulezi zinsuku usubona abesifazane edolobheni bebhixe i-make up yabalingisi bemidlalo yeshashalazi, begcobe amehlo abe yimibalabala.
Uqhube wathi nokubenyezelisa iziqhomo nezihlathi, wuhlobo lwemake-up eyenziwa uma kunemicimbi, ikakhulu eyasebusuku.
“Abantu kumele bazi uma benza into ukuthi laba abasuke beyibone khona, abayenzayo basuke beyenza phezu kwaziphi izizathu. Imibala egqamile isuka kubantu baseNigeria, nakhona kwenziwa kakhulu i-make up ngokudlulele uma kushadwa ngoba befuna ukugqama bese kuhambisana nemibala yemisiko yabo yesintu. Yingakho emehlweni befaka kakhulu umbala ohambisana nengubo, uma bevunulile kuba umbala ohambisana nobuhlalu ngoba kusuke kushadwa. Lokhu abakwenzi zonke izinsuku,” kusho uDiva Cadach.
Njengoba kuqale ubusika, lo ngoti, uthi le mibala ayihambisani ngisho nalesi sikhathi sonyaka.
Ukuvezile nokuthi ehhovisi, emngcwabeni nasesontweni akumele abantu bazibhixe kakhulu.
“Kufana neminyaka yomuntu nayo siyayibheka kakhulu. Ningenza i-make up efanayo nomuntu omncane kodwa ngeke nibukeke ngokufana ngenxa yeminyaka nenyama yesikhumba isuke ingasafani. Yingakho abantu abaningi bezibhixa ngoba babuka kakhulu kosaziwayo abasebancane bese befuna ukuzifanisa nabo, baze bakwenze kweqe,” kusho uDiva Cadach.
Omunye ungoti odume nangokuphaqula osaziwayo, uNontobeko MaMolefe Hlengwa weMake-Up by Nonto, uthi ngokwemigomo yeziphaqulo, kunemibala yasehlobo neyasebusika futhi neziphaqulo ezisetshenziswa ebusuku zehluke kakhulu kwezasemini.
“I-bronze nalabo qhakaza abaningi abantu ababagcoba kakhulu manje, banohlobo lwezindawo nemicimbi okumele umuntu akusebenzise khona. Kodwa ngenxa yokungazi, abantu bakusebenzisa zonke izinsuku kanti kuhlukumeza nesikhumba.
Ebusika imibala egqamile asiyisebenzisi kakhulu. Uma uzokwenza amehlo agqame kakhulu, umlomo nezihlathi akumele kufane nawo.
Ibala lesikhumba nalo liyakhuluma ngoba umuntu ufaka imibala ehambisana nebala lakhe yonke indawo,” kusho uNontobeko.
Okumele ukuqaphele ngeziphaqulo:
-Uma uzoziphaqula amehlo, sebenzisa umbala owodwa nakhona kungabi ogqame ngokweqile nozoba noqhakaza ngaphezulu.
-Ukuze amehlo akho agqame kahle, lula izinkophe zakho zemvelo nge-mascara noma ezokufakelwa zithande ukuba zinde kancane kunezakho.
-Sebenzisa i-concealer ezokwazi ukuhambisana nesikhumba sakho namehlo iwagqamise kahle.
-Ifoundation ngesinye isikhathi awudingi ukuyibhixa ubuso bonke, ungakhetha lezo zindawo ezigqwalile uzingcobe ungaqinisi isandla.
-Buyisa * -podwer ngaphezulu ozobamba kahle i-foundation yakho nomjuluko.
-Emehlweni sebenzisa umbala owodwa we-eye shadow.
-Uma uthanda ukuqhakaza nezihlathi, kumele usebenzise kancane i-blush yombala o-pink, obomvu noma obenyezela sagolide.
-Ipeni lasemehlweni alibe mnyama noma libe-dark brown, ungalifaka ulidlulise nasezinkopheni zokufakelwa.
-Ishiya alibukeke njengelakho lemvelo, ngisho umugqa awungabonakali nakancane kanjalo ne-concealer osuke ufihla ngayo umugqa ingaveli.