ISIKHATHI sikathaqa sifike nezinguquko eziningi ezithinta ngisho inhlalo yezingane emakhaya njengoba kuvalwe izikole.
Ukuhlala isikhathi eside izingane zisemakhaya kusho ukuthi kudingeka neso lomzali elibukhali. Njengoba kuyisonto lokukhuthaza ukuvikelwa kwezingane, kukhunjuzwa abazali ngokubaluleka kokugada ngendlela izingane emakhaya.
Ungoti ekukhulisweni kwezingane, uNkk Jackie Branfild weBobbi Bear eManzimtoti, uthe ukuba semakhaya kwezingane akusho ukuthi abazali banethezeke baziyeke zitshakadule noma kanjani.
Uthe izikhathi zimbi, kumele abazali bavule amahle kwazise izingane zihehwa ubala kumuntu futhi akulula ukuthi zibone uma umuntu omdala eseqala ukuzigangela.
UNkk Branfiled uthe izingane imvamisa yezingane ezitholwa zihlukumezeka ngokushaywa, ukuthethiswa nokudlwengulwa noma ngokuntshontshwa, labo bantu abenza lokhu kusuke kungabantu abasondelene kakhulu nemindeni yazo labo abazigilayo.
Yingakho ekhuthaza ukuthi umzali aqale ekhaya abheke uhlobo lomndeni ozosondelana nengane.
"Ngalesi sikhathi impilo ixakazise izinto eziningi ngalesi sikhathi kumele nakanjani umzali avikele inganekw iCovid-19, kodwa angakhohlwa ezinye izinto ezinobungozi. Ukudlwengulwa kwezingane, ukuntshontshwa nokushaywa kwenzeka ngokuphazima kweso futhi kwenziwa umuntu osondelene kakhulu nengane nesuke imazi".
"Imvamisa yabantu abondlayo emakhaya bayaba nobungozi ezinganeni. Akuvamile ukuthi kwenziwe umuntu wangaphandle nosuka kude," kusho uNkk Branfild.
Eqhuba uthe kunephutha elenziwa abazali lokushiya ingane ekhaya nomuntu wesilisa ngoba ethi uyise, umalume noma umfowabo.
"Amalungu omndeni ayazithanda izingane kodwa umuntu wesilisa ngokwemvelo angeke akwazi ukumelana nezidingo zengane usuku lonke. Yize bekhona abakwazi ukugada izingane kodwa ngokwemvelo ngeke bakwazi ukubona noma sekunenkinga ," kusho uNkk Branfild.
Okunye akuvezile ukuthi abantu besilisa kuyenzeka abukeke esenothando kakhulu ngokweqile enganeni kanti useyayigila.
"Uma umuntu wesilisa esekhombisa uthando oluningi ngengane kusuke sekudinga ukubhekisiswa ngoba kungenzeka ukuthi sekukhona okushaya amanzi. Yingakho ngihlala ngikhuthaza ukuthi umuntu angayigadisi umuntu wesilisa ingane, akukhethile noma eyomfana noma intombazane," kusho uNkk Branfild.
Izinto okumele uzenze njengomzali
-Khuluma nengane noma ngabe ubuya ebusuku emsebenzini, yibuze usuku luyiphathe kanjani ukuze kube lula ukuthi ikutshele uma seyinenkinga.
-Lalela ingane yakho uma iqala ikhononda ngomuntu ebihleli naye noma ingafuni ukusondelana noma kungaba owesilisa noma owesifazane.
-Ungayiceleli ingane komakhelwane ongenawo kahle umlando wempilo abayiphila, noma ungazazi izihlobo ezifika khona.
-Fundisa ingane yakho ngezingxenye zomzimba okumele iziqaphele ingathintwa kuzo abantu.
-Uma ingane seyiqala ibuza imibuzo, phendula ulandelele ngoba kusuke sekukhona okwenzekayo engakuqondi efisa ukukuzwa ngawe ukuthi kufanele yini kwenzeke.
-Hlala nayo phansi uyibuze ngabantu basekhaya nokuthi ithanda ukuhlala nobani nezizathu zalokho.
-Yakha ubudlelwano bokuthi ingane yakhe ikwazi ukukuthemba ukuze izokutshela sakuba yimfihlo uma kukhona noyisabisa ngokuyibulala uma imceba ngokuyinukubeza.