UNkk Khanyisiwe MaShobede Zulu obegubha iminyaka engu-100 izolo
Image: Sithunyelwe
UNkk Khanyisiwe Zulu obegubha iminyaka engu-100 izolo esenkonzweni
Image: Sithunyelwe
UKUHLANGANISA iminyaka engu-100 udla anhlamvana, akuyona into eyandele noma wubani futhi kuNkk Khanyisiwe Maggie MaShobede Zulu, kuyisikhathi sokutusa umusa kaNkulunkulu.
UMaShobede ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa izolo ngesidlo sasemini nomndeni wakhe, kwaV eMlaza.
Umndeni wakhe ubunjwe ngamadodana akhe amabili uBheki noMuzi abazukulu abangu-13 nesizukulwane esingu-10.
Ekhuluma neSolezwe uMaShobede, ubonge uNkulunkulu ngokumgcina kuze kube yimanje.
Uma ekhuluma uzwakala ewumqemane futhi ungaphika ukuthi uneminyaka okuthiwa unayo.
“Ngiyaphila nje. Ngesikhathi ngithatha umhlalaphansi ngo-1990 emsebenzini wokuba wumhlengikazi, ngaba wumama wasekhaya ozihambela izinkonzo. Noma kunezinto emphakathini ngiyazihambela kodwa ngiwumama ongaphuzi, ongabhemi futhi ongagembuli,” kusho uMaShobede okhonza e-Evangelical Lutheran Church.
UMaShobede, owaqala ukusebenza esibhedlela iKing Dinuzulu (isabizwa ngeKing George) ngo-1949 ngaphambi kokudlulela emitholampilo kaMasipala weTheku ngo-1959 lapho eze wathatha khona umhlalaphansi, uthe akukho okwekhethelo enza ngakho ngaphandle kokungahlali ndawonye.
“Noma nginomuntu ongisizayo kodwa ngiyayaluza akukho okutheni. Ngiwumuntu okhuthele vele ngoba ngangidansa ngisemusha. Ekhaya ngiyayaluza,nasenkonzweni ngisaqinile ngisebenza ngehla ngenyuka. Nokudla okunoshukela ngiyakugwema ngoba ngaxwayiswa wudokotela ngisemusha wathi mangikubhasobhe. Anginakho okunye okuyikhethelo engikudlayo,” kuchaza yena.
Uthe yiyona nto abanye abathatha umhlalaphansi ebahlulayo ukuyenza bagcine beshesha ukubanjwa wukuguga.
“Abanye bayazithothobalisa bakhonkobale ngoba bahlala dekle bengenzi lutho kodwa kumele unyakaze. Noma ngisasebenza ngangiya emihlanganweni yabahlengikazi ngisho sengithathe umhlalaphansi bengiba yingxenye yezinhlangano zomphakathi.”
UMaShobede othe ubengahlele lutho ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoba wenzelwa indumezulu yomcimbi ehlanganisa iminyaka engu-95, uthe uzikhonzele ukuzibukela ithelevishini.
“Sengiphila ngokuzibukela iSkeem Saam neScandal!” kusho yena ehleka.
Uphethe ngokweluleka abasakhula ngokubalulelka kwenhlonipho ukuze izinsuku zabo zande ezweni.
“Khula uhloniphe abazali, ulalele abakushoyo. Nasemphakathini yiba wumuntu owazi abantu ngoba kumele uphile nabo.”
Related Topics: