UBUYE ngezinkani umbukiso omkhulukazi wase-KZN wokwasekhaya i-East Coast Radio House + Garden Show.
Umbukiso uzoqala ngoLwesihlanu ngoJuni 24 uphele ngoJulayi 3 eDurban Exhibition Centre.
Kulo nyaka kugujwa iminyaka engu-40 yokuqhakambisa ubuhle bamakhaya, izingadi namasu okuhlobisa.
Bangaphezu kuka-350 abazobe bekhangisa imisebenzi yabo yezinto zasezindlini, zasengadini nokunye kokuhlobisa ngalezi zinsuku eziyishumi.
UCairey Baxter-Bruce, onguMqondisi we-East Coast Radio House + Garden Show, uthe umbukiso uzonika nalabo abasebenzela emakhaya amasu okuhlela izindawo abasebenzela kuzo.
"Umqondo wokusebenzela ekhaya akuyona nje into esiyenze ngesikhathi se-lockdown kuphela kodwa sekunesikhathi abantu bekhetha ukuba namahhovisi emakhaya kunokuya emsebenzini,“ kusho yena.