KUYINTO ejwayelekile ukuzwa abantu besifazane abaningi becobelelana ngamasu ahlukene okwakha izinqa. Iningi labesifazane emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana lihlala likhuthaza amasquats okuwuhlobo lokuzivocavoca sakuqojama.
Lolu hlobo lokuzivocavoca kubukeka kuyilona olihamba phambili ngoba abesifazane bathi libenza babe ngomapakisha ngokushesha.
Ongoti bezokuzivocavoca bathi kuyiqiniso ukuthi ukwenza amasquats kunomthelela omuhle impela kodwa okungasho ukuthi kumele enziwe ngokweqile ngoba angaba nobungozi.
Ungoti kulo mkhakha, uNksz Sam Xulu wePhoenix Health & Wellness eThekwini, uthe akulona iqiniso ukuthi kwakha izinqa kodwa kuyazibumba kahle zibukeke ziyimbulunga okuyinto ethandwa kakhulu abesifazane uma sebezibuka begqokile.
"Iphutha elenziwa abantu abaningi ukufuna ukubona umehluko ngesikhathi bese umuntu awenze kuze kweqe kulimale amamasela. Uma uzokwenza lolu hlobo lokuzivocavoca ungaqala kancane wenze ngokuthi uzikalele abe wu-50 kuya ku-100 ngesikhathi ekuseni".
"Khetha izinsuku, uma kade uwenze ngoMsombuluko dlulisa uLwesibili noLwesithathu ukunikeza umzimba isikhathi sokululama. Ngesikhathi uqojama usukuma ushona phansi kudabuka amamaseli fibre bese evuvukala. Yingakho kuba sengathi kuputshuka izinqa. Kusuke kubumbeka amamasela, nokuyingozi ukuwadabula zonke izinsuku," kusho uNksz Xulu.
Ephetha uthe ukuzivocavoca kuyefana nse nokuzelapha ngemishanguzo, konke kunesikalo nesikhathi esibekiwe. Ukuphuza amanzi kakhulu nokulekelela ngokudla okunempilo kungenye yezinto uNksz Xulu athi zibalulekile.
Lokhu uthe kuzosiza ukuthi zelapheke ngendlela izicubu zomzimba ezisuke zithintekile ngesikhathi ushona uvumbuka phansi. Ukusebenzisa izinsimbi ngesikhathi wenza lolu hlobo lokuzivocavoca uthe akunankinga kodwa kufanele umuntu aqaphele isikalo nendlela enzangayo.