UMPHAKO wengane eyoqala ukufunda ubalulekile ngoba iwona ozoyisiza ekutheni yazi ukudla okuyikona-kona impilo yayo yonke.
Lokhu kushiwo wungoti wokudla, uNkk Zelda Ackerman, ngesikhathi eluleka abazali ngokudla abangakuphathisa izingane esikoleni.
Uthe ukudla okuphathwa yingane kuyayifundisa ukuthi yikuphi ukudla okubalulekile nokunempilo okuyinto ezoyisiza impilo yayo yonke.
"Indlela opheka ngayo ekhaya nokudla okuphathisa ingane yinto ingane ekhula iyibona, eba yisisekelo sempilo yayo. Ngaphezu kwalokho, kuyisiza ekutheni ithole izakhamzimba ezidingwa umzimba wayo ukuze ikwazi ukufunda kahle," kusho yena.
Uthe ukudla okunempilo kubaluleke kakhulu emzimbeni wengane esakhula ukuze kukhulise amathambo, amazinyo, izicubu zomzimba kuphinde kuqinise amasosha omzimba wengane.
"Ukudla ingane ekudlile kuyayisiza ekutheni ikwazi ukufunda kahle ingakhathali, ikwazi ukudlala imidlalo yasesikoleni nezinye izinto ezenziwa esikoleni. Ukunyakazisa umzimba kudinga ukuthi ingane idle ukudla okuzoyinika umfutho ozodingwa umzimba," kusho u-Ackerman.
Omunye ungoti uNkk Clarke, uthe ingane ngesikhathi ikhula idinga umfutho omningi ngoba isuke izobe inyakaziza umzimba kakhulu kunangesikhathi esedlule ngoba iyakhula ngakho nawe mzali kubalulekile ukuthi ukudla oyinikeza kona kuhambisane nesidingo sayo.
"Ukudla okuphathwa yingane esikoleni nokudliwa ingane ekhaya kumele kube nama-carbohydrate, ama-protein namafutha. Kuyadingeka futhi ukuthi ufake amavitamini nama-mineral athe xaxa ngesikhathi ingane ikhula. La ma-vitamini ayadingeka ngisho ingane isisesigabeni sokungena ebuntombini nasebunsinzweni (teens)," kusho yena.
Uqhube wathi kubalulekile ukuthi isidlo sasekuseni sibe ngesinomsoco noma ngabe ingane isidla ime ngezinyawo, ijahe ukuya esikoleni.
"Isidlo sasekuseni kumele sibe nama-carbohydrate atholakala esinkweni esinokolo, i-granola ne-oats, ama-protein atholakala emaqandeni, ushizi, neyoghurt, ukudla okunamafutha ukotapheya, amakinati, nama-olive, ama-vitamini nama-mineral wona ingane iwathola ngokudla izithelo nemifino. Uma ingane idla ukudla okungenhla, ubuchopho bayo buyakhula, ikwazi ukubhekana nezifundo zayo usuku nosuku," kusho uClarke.
Uthe kubalulekile ukuthi ingane idle isidlo sasekuseni, iphinde ibe nezinto ezincane ezobamba ngazo umoya (snacks) ngaphambi kokuthi idle ukudla okuqinile, ngakho akumele zingabikhona lezi zinto zingabi khona uma wenza umphako wengane yesikole.
Uthe i-snack singaba esenele ukudliwa kanye noma kabili kuye ngokuthi ingane yakho idinga ezingaki esikoleni ngoba ingane eyenza imidlalo ethize idinga ama-snack amabili azoyinika amandla ikwazi ukubhekana naleyo midlalo eyidlalayo.
Uqhube wathi ukudla okunama-carbohydrate okufana nesinkwa esinokolo kwenza ukuthi isuthe isikhathi eside. Wathi okunye ongakwenza ukuthi ufake ama -crackers ekudleni okuzodliwa yingane esikoleni.
Izithelo athe zingafakwa emphakweni wengane kungaba i-aphula, i-naartjie, ubhanana noma i-nectarine.
Imifino athe ingafakwa esitsheni sengane u-cucumber, u-sweet pepper, izaqathi nobhatata.
Ama-protein uthe atholakala ngokuthi esitsheni ufake inyama yenkukhu, ushizi, ama-meatball, ama-drumstick nebiltong.
"Yenza isiqiniseko sokuthi ingane iphatha amanzi zonke izinsuku, ungafaka ucezu lukalamula, i-mint, amajikijolo uma kuwukuthi ingane ithanda amanzi anongiwe. Ungayijwayezi ukuyifakela ijusi enoshukela ingane ngoba izokwenza ukuthi kubole amazinyo engane," usho kanje.
Uqhube wathi uma ingane yakho ingasheshi ukubuya esikoleni ungafaka amakinati, imifino ethe xaxa noma i-yoghurt.
Uthe kwezinye izikole kunezitolo ezidayisa ukudla okuthengwa yizingane ngesikhathi sekhefu. Wathi abazali kumele baqaphele ukuthi lezo zitolo zidayisa ukudla okudingwa yimizimba yezingane ezisakhula, kungabi yizinto ezizokwenza ukuthi izingane zikhuluphale ngokweqile .
"Isitolo sasesikoleni kumele sidayise ukudla okuchazwe ngungoti wokudla okuyilungele ingane efunda esikoleni," kusho uNkk Zelda.
Uqhube wathi uma isikole sidayisela izingane ukudla okungafanele, abazali kumele baxhumane nesigungu esiphethe isikole, basho ukuthi bakhathazekile ngokudla okudayiswa isitolo.
UNkk Zelda uthe kuyenzeka ukuthi kungabi lula ukuthi abazali bathole izithelo nemifino ngoba kungabazali abadonsa kanzima, wathi uma kunaleso simo kumele abazali bahlangane batshale ingadi esikoleni, uma benendawo evulekile bangakwazi nokutshala izithelo.
UNkk Clarke uthe izingane ziyayithanda into ekhangayo ngakho umzali kumele aqaphele ukuthi ukudla akwenzile kuyakhanga ukuze ingane ihalele ukukudla.
"Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi ingane yakho ithandani, kungakukhathazi ukuthi ifuna ukuphatha isithelo esifanayo zonke izinsuku ngoba yinto ingane eyithandayo. Okungenani faka imifino eceleni kwesithelo ukuze ubone ukuthi ingane ngeke yini isidle," kusho uNkk Clarke.
Labo ngoti bathi enye into ongayeza ukuthi umphako niwenze nobabili nengane, ngesikhathi nikwenza uyichazale ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi idle ukudla okunempilo.
"Ungasebenzisa izinsiza zokusika amakhekhe ukuze isemishi libukeke kahle lihehe," kusho yena.