UNKSZ Londy Ndwandwe odume ngelikaMaZwide, uthe kumsebenzele ukuzikhandla njengoba esekwazi ukuphuma ngaphandle kwesifundazwe eyokwenza umsebenzi wokuhlobisa
Image: Sithunyelwe
INTOKAZI esizakhele igama emkhakheni wokuhlobisa emicimbini yomshado, amaphathi neminye imicimbi yokujabula, ithe iyakholelwa kakhulu ekuthuthukiseni abanye besifazane njengoba isikwazi ukuthola amathuba okuyosebenza ngaphandle kwesifundazwe, iKwaZulu-Natal.
UNksz Londy Ndwandwe odume ngelikaLondy uMaZwide, unenkampani ehlela imicimbi, i-Andimahle Event.
Le ntokazi yaseMandeni, ithe ingene ekuhleleni imicimbi eminyakeni engu-17 edlule, lapho yaqala khona kancane yaze yakhula yafika la ikhona.
UNksz Ndwandwe uthe ukuzibona evela ezinhlelweni zethelevishini okukhona kuzo iThe Real Housewives of Durban, umdlalo Uzalo, kuyamkhombisa ukuthi usesebenzile.
“Ngingene ekuhleleni imicimbi ngemuva kokuthi ngiphume esikoleni e-DUT nase-Unisa la ngangenza khona iziqu ezifundweni zokukhangisa. Ngathi nje ngiqeda ngaya edolobheni lase-United Kingdom, la ngangiyofunda nakhona. Ngabuya lapho ngavula inkampani yokuba usonkontileka ngaqala ngayo, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngavula eyokuhlela imicimbi yona yangisebenzela, yize yayidinga ngibe nemali ukuze uma ngiqashwa ngikwazi ukwenza konke lowo engisebenza naye ngimnike lokhu akufunayo,” kusho uNksz Ndwandwe.
Uthe ukusebenza kanzima kumvulele amathuba okuthi agcine ephume ngaphandle kwesifundazwe, akholelwa ekutheni amakhasimende amaningi uwathola ngokwenza kahle umsebenzi.
“Ngicabanga ukuthi abantu bebebona umsebenzi wami kweminye imicimbi, imishado emikhulu esengike ngayenza kanjalo nekahulumeni. Abantu abaningi engisebenza nabo ngamakhasimende ami amadala, abanye engihlangana nabo emcimbini engisuke ngiyenza, bawuthande umsebenzi wami, bese bengiqasha uma sebenza eyabo. Ukuzimisela kungisebenzele, njengoba ngiwumuntu manje oseke abizwe azokhuluma ngebhizinisi kweminye imicimbi. Nezinkundla zokuxhumana zingisebenzele kakhulu ekutheni ngikhangise ibhizinisi lami khona,” kuchaza yena.
Uthe okunye akwenzayo manje ukusebenzisana nabanye besifazane abasemabhizinisi ahlukene uma edinga izinto zomsebenzi, waveza ukuthi umsebenzi wakhe umvulele amathuba ayengacabangi ukuthi uyongena kuwo.
“Ngibonakala kwithelevishini ngakho njalo ukusebenza kanzima. Angifuni ukuveza impilo yami yangasese emphakathini kodwa amathuba amancane okuthi ngiveze umsebenzi wami njengoba kwenzeka manje, ngeke ngiwayeke ngoba ayangisebenzela,” kuchaza yena.
Uthe uyabakhuthaza abesifazane ukuthi bayeke ukudicilelana phansi kunoma yimuphi umkhakha abakuwo.
Umshado omkhulu athe wake wawenza okasomabhizinisi uDkt Sisa Ngebulana nomkakhe, u-Ayanda Ngebulana.
Okunye athe uyakwenza ukuze ahlale eqhamuka nezitayela ezintsha kule minyaka njengoba umkhakha wokuhlobisa uhlale ushintsha futhi udinga izitayela ezintsha, ukuhambela amazwe afana noDubai, la afunda khona uma kunemibukiso ehlukene abuye azoyisebenzisa.
Related Topics: