NAKUBA ukukhulelisana kwabanye abantu kungabi yisimo esimnnandi ikakhulu uma bezibona bengakakulungeli kodwa kuba yinto emnandi kwabasuke belangazele ukuthola umntwana, beshadene noma bethandana futhi benezinhloso ngekusasa.
Yingakho abeluleki bezengqondo bekholwa wukuthi ukuba seshweni lokuphuphunyelwa yisisu kowesifazane, kuba yisimo esilukhuni nesibuhlungu kakhulu kangangokuthi abanye kubathatha isikhathi eside ukwamukela ubunjalo besimo.
Umeluleki wezengqondo ozimele ozinze eThekwini, uNksz Thobeka Mthembu, uthe lesi simo sivame ukwenza izinto ezimbili kubantu abathandanayo. Okokuqala; senza ukuthi basondelane ngoba ukuphuphuma kwesisu, senza abanye bathole isikhathi esanele sokuxhumana, beduduzana.
“Kodwa kuyenzeka kwabanye kube nomthelela omubi kakhulu kangangokuthi baze bahlukane imbala, bexabana futhi besolana ngokusuke kubehlele. Imvamisa kufika lapho ngenxa yokuthi usuke engekho osuke efuna ukwehlela ngezansi, kubhekwane nobunzima besimo sinjengoba sinjalo, okuvame kakhulu kubantu abasuke bengabambisene kahle,” usho kanje.
Uthe kuya ngokuthi lesi simo sinifice ubudlelwano benu buqine kangakanani, okungathi uma ningabantu abesekanayo ezintweni eziningi kungabi nzima njengokwabanobudlelwano obunemifantu.
UNksz Khanyisile Nene, naye ongumeluleki wezengqondo ozimele ozinze eThekwini, uthe izimo ezinjena zokuphuphuma kwezisu kubantu besifazane abasuke bezithwele, yizimo ezivamile kangangokuthi lapho asebenzela khona, ayipheli inyanga engabhekananga nowesifazane okuleso simo.
“Ukhwantalala nokuzizwa ucindezelekile kubantu besifazane ngezinye zezizathu eziholela ekuphuphumeni kwesisu, nokuhlale nixabana nobaba wengane kungaholela kulokhu,” usho kanje.
UNksz Nene udalule nokuthi abanye abantu abazi ukuthi kuyenzeka ingane iphuphume nje ngaphandle kwesizathu, okungenye yezinto okusanzima ukuthi yamukeleke, kangangokuthi abanye baze balwe nodokotela, ngoba becabanga ukuthi babe budedengu kokusuke kubehlele.
“Kuyenzeka ukuthi uthi uzohlolwa nje kwanyanga zonke, kutholakale ukuthi ingane yakho isinenkinga esiswini, kokunye izalwe kungashayi isikhathi, iphume ingasaphefumuli kodwa ingatholakali imbangela yalokho. Ngezinye izinto lezo okumele abantu bazazi ukuze kungezukuba nzima kakhulu ukuzamukela uma kwenzeka zibehlela ngomuso,” kucebisa uNksz Nene.
Uxwayise nangokuthi abantu bayeke izinkolelo-ze zokucabanga ukuthi ukuphuphunyelwa yisisu kuhlangene nobuthakathi noma okunye okunjalo, ngoba kuyisimo nje esingehlela noma wubani.
“Lesi simo sidinga ukuthi abantu ababili ababhekene naso basekane zikhathi zonke ukuze sisheshe sedlule, nokuthi abazali nabantu emphakathini kumele bayeke ukufakela abanye ingcindezi yokuthi bazale izingane ngisho bengakakulungeli. Lokho kungenza ukuthi kube lukhuni kakhulu uma kwenzeka kufika isimo esibuhlungu kanje,” kuchaza uNksz Nene.
Usaziwayo wakuleli, uLerato Kganyago, ungomunye wosaziwayo ojwayele ukuveza nokukhuluma ngeminjunju ehambisana nokuphuphunyelwa yisisu. Kulo nyaka uqala, uveze ukuthi kuphinde kwabheda futhi kanti lokhu bese kungokwesine, wathi kodwa akalilahlile ithemba. Usazophinde azame futhi.