UTSHWALA bungezinye zezinto abantu besifazane abasezinsukwini zabo okumele bazigweme Isithombe: SIGCINIWE
UKUYA ezinsukwini kwabanye abantu besifazane kuhambisana nezinhlungu bazizwe becikeka, baqunjelwe abanye babe nesilumo.
Ongoti bezokudla bathi yize lokhu kuyinto ejwayelekile kwabanye kodwa ukudla okudlayo kungenza ukungaphatheki kahle kube mandla kakhulu.
Uswidi, iziphuzo ezinoshukela ongoti bezempilo bathi kufakwe izithako ezigayiwe okudala ukuthi ushukela osegazini ungami ndawonye wehle uphinde wenyuke, okudala ukuvuvukala emgudwini othubeleza igazi.
Okunye okwenziwa wushukela wukuthi umuntu wesifazane uzizwa ecikeka noma engajabule kodwa singekho isizathu.Imikhiqizo yobisi okubalwa u-ice cream, ushizi nokunye ongoti bezempilo bathi uma usezinsukwini zakho kudala ukuthi uqunjelwe, ube namajaqamba nezinhlungu.
Bathi lokhu kwenziwa ukuthi le mikhiqizo ine-arachidonic acid ne-Omega-6 eyenza ukuthi kuvuvukale emgudwini okuthubeleza kuwo igazi bese owesifazane eba nezinhlungu.
Utshwala ngokunye kokudla okuthiwa kumele ukugweme uma usezinsukwini ngoba benza ukuthi umzimba ulahlekelwe ngamanzi. Ongoti bezempilo bathi utshwala bungaholela ekutheni ukhishwe yisisu noma ube nenkinga yokugayeka kokudla esiswini, ibhabhalazi elenza ukuthi ube nenhliziyo encane ukhathale okungezinye izinto ezidala ukuthi ungakhululeki uma usezinsukwini zakho.
Ongoti bathi ukudla okunosawoti okufana nokokubamba umoya nokunye nakho ungazijwayezi kona uma usezinsukwini zakho ngoba kungaholela ekutheni ube namajaqamba.
Bathi uma kwenzeka uzwa ukuthi uhalela ukudla into enosawoti, ube usezinsukwini zakho wehluleka ukuzibamba, phuza amanzi ngemuva kokukudla noma udle izithelo.
Ukudla okubabayo kungokunye ongot abathi kumele ukugweme ngoba kwenza ukuthi ugcwale umoya esiswini ube namajaqamba. Uma uvele ungumuntu ophathwa yilezi zinto uma uya ezinsukwini zakho kusho ukuthi ubuhlungu buzodlulela.
Kukhona ukudla ongoti bezempilo abakhuthaza ukuthi ukudle njengamawolintshi nolamula ngoba kuyasiza ekutheni kukwelaphe uma uzizwa ucikeka, kubuye kusize nasekutheni kunikeze umzimba amanzi njengoba umzimba kungadingeki ukuthi ulahlekelwe ngamanzi.
Amaqanda ongoti bezempilo bathi anothe ngoVitamin B, ama-protein kanti isikhuphashi sisiza uma ungumuntu okuthi uma esezinsukwini zakhe abe nolaka asheshe adinwe kodwa kumele ugweme ukudla eliphekwe lavuthwa kakhulu ngoba lingadala isilungulela noma ukugcwala komoya.
Itiye iChamomile linconywa ngokuthi liyasiza ekuthobeni isibeletho futhi likwenze ulale kahle.