IBHIZINISI akukhona nje ukukhiqiza nokuthengisa kodwa kuningi okufanele ukubukisise uma uqhuba ibhizinisi. Kuvamile-ke ukuzwa abantu bekhuluma nge-business plan uma bezoqala ibhizinisi befuna ukuxhaso lwemali. Iningi labasuke bengadingi kuboleka mali abayingeni eye-business plan. Angiyiphathi-ke lapho seliqhubeka ibhizinisi, ayibonwa i-business plan njengoba sekugxilwe ekwenzeni imali. Lokhu kufana ncamashi nokuhamba uye phambili kodwa ungazi ukuthi uya kuphi. Yiyona-ke le inkinga yamabhizinisi amaningi.
Ngaphandle kohlelo oluphusile namasu ajulile kuyasinda ukuncintisana namanye amabhizinisi. Pho aphumelela kanjani? Asiqale ngokubhekisisa ukuthi luquketheni uhlelo lokuqhuba ibhizinisi futhi yini umehluko phakathi kohlelo namasu. Uhlelo lokuqhuba ibhizinisi lubeka ngokusobala izinto okufanele uzenze ukuze uphumelele. Lubeka ngokusobala ukuthi yini oyikhiqizayo, uyikhiqizela bani futhi uzoyithengisela bani. Akugcini lapho kufanele wazi ukuthi izovelaphi imali yokukhiqiza, uzoqasha bani nokuthi imakethe ozoyidayisela imi kanjani. Ngakolunye uhlangothi isu lebhizinisi ligxile ekutheni uzohluka kanjani kwabanye oncintisana nabo, kungani amakhasimende kumele akhethe wena kunabanye. Kuvamile ukuzwa abantu bethi bona bashibhile kunabanye, yingakho kufanele amakhasimende athenge kubona. Iqiniso wukuthi ukushibha akulona isu eliphusile lebhizinisi. Isu lebhizinisi kufanele kube yinto enganakekile koncintisana nabo. Uma unezindlela ezithile zokwehlisa izindleko zokukhiqiza usethubeni lokushibha kunabanye ube wenza inzuzo efanayo. Lapha akukhona ukushibha okuyisu lebhizinisi kepha yizindlela zokunciphisa izindleko. Ukuthola umkhiqizo ngemali ephansi kuyasebenza okwesikhashana kodwa abantu oncintisana nabo bazokwazi bakulandele. Akulula ukunciphisa izindleko njengoba kufanele ubhekisise ukuthi awehlisi izinga lomkhiqizo.
Enye indlela ongahluka ngayo wukwenza amakhasimende awuthande umkhiqizo wakho noma indlela osebenzisana ngayo nawo. Kufanele usebenzele ukuthi amakhasimende awubone ungcono umkhiqizo wakho noma indlela owaphatha ngayo. Eqinisweni ukudinga kokubili, umkhiqizo osezingeni eliphezulu emqondweni wekhasimende nesevisi eqhakambisa ikhasimende. Uma uthengisa imikhiqizo oyithola kwabanye kuyasiza ukuthi ugxile ebudlelwaneni namakhasimende njengoba abanye bethengisa izinto ezifanayo nawe.
Okunye okufanele ukubheke ngamakhono abantu obaqashayo, ubudlelwane nabakufakela izinsiza zebhizinisi, ukusebenzisana okuhle kwezisebenzi nobudlelwane obuhle nemenenja yasebhange.
Okusemqoka wukuthi isu onalo lebhizinisi kufanele liqondwe ngabantu osebenza nabo ukuze basebenzele ukuthi lifezeke. Yingakho kufanele libhalwe phansi bese wenza izindlela zokuthi lingene emqondweni weqembu obambisene nalo. Ngaphezu kwalokho udinga usiko lokusenza oluhambisanayo nesu lakho, ngale kwalokho lifana nento engekho isu lakho.
Usiko luyingqalasizinda yokuthi abantu baziphatha kanjani emsebenzini, bahloniphana kanjani futhi bawaphatha kanjani amakhasimende. Uma usebenza nabantu abantshontshayo noma abaqhubana ngamadolo awukwazi ukwehlisa izindleko zokukhiqiza. Khumbula ukuthi zimbili izindlela zokwenza imali ebhizinisini; ukunciphisa izindleko nokubiza intengo ethe xaxa kunabanye.
Konke lokhu kudinga usiko olwenza kusebenzeke kalula ngenxa yobudlelwane obuhle phakathi kwawo wonke umuntu. Usiko olunjalo lwenza kube lula ukusabalalisa amasu ebhizinsi nokuthi wonke umuntu asebenzele impumelelo yebhizinisi.
Alwenzeki ngokwalo usiko. Kubalulekile ukuthi ucacise umbono webhizinisi kuzo zonke izisebenzi, ukubaluleka kwendima okumele ziyikhathule ngokuba yingxenye yebhizinisi. Kuningi abantu abangakuzuza emsebenzini ngaphandle kweholo. Okulandelayo wukuthi ube nendlela yokuklomelisa umsebenzi omuhle. Lokhu kudinga ulimele iqiniso ungabonakali ukhetha iphela emasini. Kufanele izisebenzi zazi ngokusobala ukuthi yiziphi izindlela zokuziphatha nokusebenza eziklonyeliswayo. Uhlelo lwakho lokuklomelisa kumele luqinisekise ukuthi bonke abantu banethuba lokuhlomula. Awudingi izindodla zemali ukwenza lokhu, umklomelo wamathikithi ebhola noma ikhonsathi kusho lukhulu uma encoma isenzo esihle.
* Sishayele noma uthumele umlayezo ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonze ku-www.ubuntuwealth.co.za . Hheshe!
- Sikhula Ngomnotho