BABALELWA ku-1 400 abantu bakuleli abashayela ucingo esikhungweni esisiza abanezinkinga zengcindezi yomphefumulo, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG) ngosuku selokhu kwahlasela iCovid-19 kuleli.
Le nhlangano uthi iningi lalaba bantu abashaya ucingo banovalo nokwesaba ngoba bengazi ukuthi ikusasa libaphatheleni, abanye behluleka ukumelana nobuhlungu bokushiywa izihlobo zabo.
UNkk Cassey Chambers walesi sikhungo, uthe ngaphambi kokuthi kufike iCovid-19, bebethola izingcingo ezingu-600 ngosuku kodwa manje sebethola eziphakathi kuka-1 200 kuya ku-1 400.
UNkk Chambers usho lokhu ngesikhathi echaza ukuthi ngabe ukufika kweCorona kuyishintshe kanjani indlela ebebesebenza ngayo njengoba sekuphele unyaka ikhona kuleli.
"Lokho kusitshela ukuthi sidinga ukubhekana nenkinga yokuphazamiseka komqondo, i-mental health, ngendlela ehlukile kuneyakuqala ngoba baningi abantu abadinga usizo kunakuqala," kusho yena.
Uthe abantu abaningi abashaya ucingo njengamanje abehlulekayo ukumelana nobuhlungu bokushiywa izihlobo, nabehluleka ukumelana nobunzima bokuphelelwa yimisebenzi.
"Inkinga esinayo ukuthi ukuphazamiseka komqondo emiphakathini yethu kuthathwa ngokuthi umuntu uyahlanya kanti lesi sifo sihlasela umuntu oyedwa kwabathathu kuleli. Ukuphazamiseka komqondo akusho ukuthi uyahlanya kusho ukuthi uphatheke kabi ngale ndlela yokuthi awukwazi ukumelana nakho. ICovid-19 isikhombise ukuthi kusamele sifundisane ukuthi ukuphumela obala kwaziwe ukuthi awuphathekile kahle kuyindlela yokuzelapha futhi akulona ihlazo. Ziningi izinto ezishintshile ngokufika kweCovid-19. Besinendlela yethu yokududuzana uma sishiywe izihlobo, manje asisakwazi ukufika phakathi nesonto siduduze, sikhalisane obekwehlisa ubuhlungu kulabo abashonelwe. Nangomngcwabo asikwazi ukwenza izinto ngendlela ebesenza ngayo," kusho yena.
Uthe uma beqhathanisa izibalo zika-2019 no-2020, ngo-2019 bathole izingcingo ezingu-225 000 kwathi nyakenye lesi sibalo saphindaphindeka kabili saba u-450 000.
Izingcingo ezingu-95 000 uthe bezivela kubantu abazizwa benomuzwa wokuzibulala.
"Ngeshwa asinazo izibalo zokuthi bangaki abazibulele ngalesi sikhathi, kumele sizwe sihlanganise ukuze sibe nezibalo eziyizo," kusho yena.