UKUBHEKA indali ngaphambi kokuthi uyokwenza igilosa yenyanga kwabanye bekuyinto abebeyenza uma benesikhathi, hhayi ukuthi njalo ngaphambi kokuthi baphume baye ezitolo kuzomele baqhathanise.
Njengamanje sebebaningi abenza lokhu ngenxa yokuthi isimo somnotho sibi.
Njengoba isimo sisibi ezweni ngemuva kwemibhikisho eholele ekutheni abantu bazitapele ezitolo, laba asebezijwayeze umkhuba wokuthenga okusendalini bakubekele izinsuku zendlala, bathi lokhu kubasebenzele.
Abanye bebenezitolo ezithile abathi bathenga kuzo kuphela, manje abasakwenzi lokho ngoba befuna ukuthi imali abanayo ithenge izinto eziningi.
UNkk Ncumisa Fandesi Ndelu, ongumsunguli wekhasi le-facebook eligqugquzela ukuthi kongiwe imali ngokuthenga uma kunendali, i-1 family 1 stockpile, uthe benabalandeli baleli khasi sekunesikhathi benomthetho wokuthi akumele uthenge into ebizayo ngokuthi babheke ukuthi izinto zishibhe nini bazithenge ngesikhathi zishibhile.
"Thina asithengi ngoba sekuphelile ngoba lokho kukwenza ukuthi noma isibiza into uyithenge ngoba ekhaya ushiye ingasekho. Asikwazi ukulawulwa yizitolo njengamanje, isimo sibi kakhulu.
Imiholo ayenyuki, ukudla nezinye izinto ezisemqoka zimba eqolo. Sikhuthaza ukuthi uma ungeke ukwazi ukuthi uthenge izinto ngobuningi uma zishibhile, ngaphambi kokuya kothenga qhathanisa. Ezobuchwepheshe sezenze ukuthi kube lula, usebenzisa ifoni yakho ubheke izipesheli, uthi uphuma ekhaya ube wazi ukuthi igilosa yakho uzoyithenga kuziphi izitolo," kusho yena.
Uqhube wathi siphelile isikhathi sokuthi uthembeke esitolo esithile ngoba uma wenzenjalo awube usabheka ukuthi esinye isitolo umkhiqizo ofanayo siwudayisa ngamalini.
UMnuz Jimmy Mohaya, owungoti wezomnotho, uthe amanani okudla aphezulu asazoqhubeka nokwenyuka kuze kube unyaka ozayo.
"Izinto ezinyusa ukudla ziyehluka izwe ngezwe kodwa emhlabeni into eyenza ukuthi ukudla kwenyuke wukushintshashintsha kwesimo sezulu, ukubiza kwezithako ezisetshenziswayo uma kwenziwa eminye imikhiqizo. Kuleli ukubiza kokudla kwenziwa ukubiza kwakho emazweni aphesheya okuthengwa kuwo, ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuholela ekutheni imikhiqizo egcinwa emafrijini isheshe yonakale kanye nakho ukushintsha kwesimo sezulu.
“Uthola ukuthi izitshalo ezithile ebezitshalwa ngesikhathi esithile azisavumi okwenza ukuthi zibe zincane bese ziyabiza," echaza.
Umqondisi wenhlangano ecubungula amanani okudla, iPietermaritzburg Economic Justice&Dignity Group (PMBEJD), uMnuz Mervyn Abrahams, uthe ukudla okumqoka kwenyuke ngo-7.1% (R271.90) ngoJune.
" Lokhu kuholele ekutheni abesifazane nezingane babonakale sebeshaye ujenga ezinhlanganweni eziphakela abampofu okwenza ukuthi babe sengozini yokuthola iCovid-19," kusho yena.