UKUBA nomuzi kuyisifiso sabantu abaningi nokwenza umuntu engabe esacabangisisa uma ethola indawo yokwakha agxume ahlale.
Izindawo eziningi ezingomazakhele zivamise ukuba nenqwaba yomakhi futhi kuyinto ejwayelekile emalokishini nasezindaweni zasemakhaya ukuthatha noma ngubani odume ngokwakha.
Kokunye lokhu kuhambisana nezinkinga zokungapheli kwendlu, ukuwa kodonga noma indlu ingabi yilokhu obekulindelekile. Izizathu zalokhu zihambisana nezinto eziningi njengokungabi nalwazi olwanele kumakhi agcine efuna ukwenza nezinto angazifundelanga nangagunyaziwe ukuzenza.
Inhlangano kahulumeni ebhekele umsebenzi wokwakha ngokusemthethweni eNingizimu Afrika iNational Home Builders Registration Council (NHBRC) ithi kuyiphutha ukwakhelwa umuntu ongabhalisiwe kule nhlangano.
UNkk Noxolo Mnculwane weNHBRC KwaZulu-Natal uthe uma uqasha umakhi qinisekisa ukuthi ubhalisiwe, indlu yakho uyayibhalisela nepulani yayo ukuze ithole isitifiketi esizokusiza uma usufuna ukuyidayisa.
“Lokhu kuzokusiza ngisho umakhi esebaleka noma engayakhi kahle indlu. Sikhona ukuvikela amakhasimende, siqinisekise ukuthi nomakhi baqeqeshiwe futhi bayayilandela imithetho yokwakha. Noma ngabe uqasha inkampani noma umuntu oyedwa akube obhalisiwe ngoba usuke sewuqinisekisiwe nomsebenzi wakhe, nawe indlu yakho izohlolisiswa ukuthi uzoyakha ngendlela yini kusukela iqalwa ize iyophela,” kusho uNkk Mnculwane.
Ephetha uthe uma bethola ukuthi inkampani inabasebenzi abaxegayo kwamanye amakhono bayabasiza mahhala babaqeqeshe, namakhasimende asizwa mahhala ukuthola uhlu lomakhi abagunyaziwe.
ISekela Sihlalo leNdlu yabaHoli beNdabuko KwaZulu-Natal inkosi uThabisile Zulu lithe umhlaba wamakhosi awudayisi kukhokhwa imali ebizwa ngemali yokukhonza ehlukana ngezindawo.
Kodwa uma abantu ababili bevumelana ngokudayiselana umhlaba kunezigaba okumele bazilandele.
“Kuyenzeka umuntu adayise inxiwa lakubo, lokho kumele kwaziwe komkhulu. Kuzobe sekucishwa umuzi omdala kubhaliswe kabusha umndeni omusha, nawo kumele ukhokhe imali yokukhonza bese ungena emabhukwini uthole nerisidi ephuma eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu. Sikhuthaza nesivumelwano sasemaphoyiseni umdayisi afike nesakhe nothengayo ngokunjalo ukuze kusale enkosini ubufakazi bokuthi badayiselene,” kusho inkosi uZulu.
Okunye akucacisile ukuthi imali ekhokhwa komkhulu ayilingani kumuntu wendawo nomuntu osuka kwelinye idolobha ezokwakha kuleyo ndawo ngezizathu ezehlukene. Ukuthola incwadi yakomkhulu enesigxivizo soMnyango nezoMdabu kusho ukuthi umuzi wakho usungawakha ngendlela oyithandayo ubaliwe endaweni futhi uyingxenye yemizi efanele ukuthola intuthuko noma ngabe uyafika.
USihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwabantu kuMasipala weTheku uMnuz Thanduxolo Sabelo uthe ukuthenga indawo kuwumqondo omuhle kodwa kunephutha elincane elenziwa abantu abangazi noma indawo ekamasipala noma ingaphansi kwamakhosi. Izindawo eziningi ezisathuthuka nezisemakhaya uthe kungabukeka kulula ukwakha kuzona kodwa kuyenzeka indawo ibe ngekamasipala kodwa isendaweni yenkosi.
“Into yokuqala uma uthenga indawo ngaphambi kokukhokha, thola kumasipala wangakini ukuthi ngabe ingaphansi kwamakhosi noma ekamasipala. Uma kungekamasipala wayithenga wakha, ngokuhamba kwesikhathi kungaba nenkinga ngoba indawo isuke ibekelwe isakhiwo esithile noma kungafanele kwakhiwe kuyo ngezizathu eziningi. Kuyenzeka kwezinye izindawo kube namanzi ngaphansi noma amapayipi amakhulu angaba yingozi,” kusho uSabelo.
Eqhuba uthe nokulethwa kwengqalasizinda kuhambisana nemibandela.
“Ukulethwa kwengqalasizinda akukhethi izindawo kodwa nakhona uma indawo owakhe kuyona ingakuvumeli ukufakwa kwamanzi nogesi noma umgwaqo ngenxa yomhlaba owakhe kuwo ngeke kwaba lula. Inkosi nomasipala yinto yokuqala abayibhekayo ngaphambi kokuthi ukhokhe kumuntu okudayiselayo. Ezinye izindawo kuyenzeka ukuthi zisenenkinga yokuthi kunombango phakathi kwamakhosi nomasipala. Ngeke ukwazi ukuthenga kuzo,” kusho uSabelo.
Uma udinga ukuthola kabanzi ngendawo ohlela ukuthenga kuyo ungaxhumana nehhovisi leReal Estate kumasipala weTheku ku-031 311 1111.
Uma udinga ukuqinisekisa ngomakhi noma ukuthola usizo lweNHBRC ungathinta uNkk Mnculwane ku-031 374 8100 noma uthumele i-email ku noxolom@[email protected] angakusiza nangemininingwane yamahhovisi ezinye izifundazwe.
* Ungasibhalela uma kukhona ofisa ukusizakala ngakho, uthumele i-email [email protected].