INYANGA edlule u-Ephreli izobalwa nezinye izikhathi ezimuncu eNingizimu Afrika, ikakhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, lokhu kungemva kokuhlasela kwezikhukhula ezidale umonakalo zabangela umunyu nosizi okujulile empilweni yabantu.
Angicabanganga kaningi uma kuvela ithuba lokushaywa wumoya ngikhohlwe ‘umzuzwana’ ngesimo esibhekene naso eKZN, ikakhulu eThekwini.
Ngicabange ngemva kwendaba sengiphakathi nohambo ukuthi njengoba ngivakashela enyakatho nesifundazwe, ngabe kuphephile yini ukuhamba emgwaqweni? Into ebiduma ekhanda lami ukuyoshaywa wumoya, ngiphole ngemva kokubhekana nesikhathi esinzima.
Amabombo abheke eHluhluwe ngibabele eNibela Lake Lodge eKwaNibela, lapho ngizohlala khona impelasonto.
Ngisuka eThekwini nje, nginovalo ngokuphepha emgwaqweni kepha kuhambeke kahle ngaze ngafika eHluhluwe, okuthathe amahora 3 nemizuzu ewu-30.
Ukufinyelela eNibela Lake Lodge, kwenzeka ngezindlela ezimbili - ufika eHluhluwe upake imoto endaweni ehleliwe nephephile ebese ukhwela esikebheni esizokubeka qathatha kule ndawo.
Enye indlela, wukuqhubeka ngemoto uze ufike khona okuthatha ihora 1 nemizuzu ewu-30 ngoba umgwaqo uwubhuqu. Uhambo lwesikebhe lona luyimizuzu engu-20.
Ngenxa yokuthi isikebhe sihamba ngezikhathi, ngiqhubekile nemoto ngoba bengingafuni ukushayela ngixhamazela. Ngibe nokuzisola kodwa sengihamba obhuqwini ihora lonke ngafika eNibela ngingasayithandi indaba.
Ngifike khona sengivele nginengwe wubude bendlela nokuthi ovule isango lokungena akacacisanga ukuthi kumele ushone kuphi noma upake kuphi uma usungenile, njengoba uhamba ibangana anduba ufinyelele lapho kwamukelwa khona izivakashi.
Ngikhonondile ngalokhu kowamukela izivakashi, waxolisa waze wangenzela nesiphuzo esizoyizayo wathi ufuna ngisuse uthuli ngaso. Kungichazile nokho ukuthi abasebenzi bayakwazi ukulalela izivakashi futhi baqhamuke namasu okuzijabulisa ngokushesha.
Ngabe ngenza iphutha uma ngingayiphathi eyendlela esuka lapho kupakwa khona izimoto uya endaweni yokwamukela izivakashi nasemagumbini okulala.
Iyibhuloho lamapulangwe elivinjwe ngamapulangwe emaceleni, lithe ukuphakama nokuyinkinga kubantu abangazwani nendawo ephakeme. Ngingene egumbini kwaphela konke ukunengeka ebenginakho, kwangena umuzwa okhethekile wokuthula nokuphola.
Uma usekamelweni ubona ubhazabhaza wechibi kanti lona igumbi likakwe yizihlahla nokwenza kube sengathi nguwena wedwa okule ndawo ngoba awabonakali amanye amagumbi.
Ngiqaphelile ukuthi amagumbi ngawabantu abafuna ukuthula nokuzopholisa ingqondo ngoba ayikho ithelevishini ngaphakathi kuwo. Anazo zonke izinto ongazilindela egumbini lezivakashi, ngaphandle kwethelevishini kanti kube yinkingana kimina njengomuntu osemkhakheni wezindaba.
Ngaphandle kokubikelwa ngenxa yebhuloho okumele ngihambe kulo uma ngiya endaweni yokudlela, lungihlabe umxhwele uhlu lwezidlo nezibiliboco (menu).
Ngimamatheke ngedwa uma ngibona ukuthi ufaka i-oda lokudla ngoba angikuthandisisi ukudla okufica sekulungisiwe (buffet).
Indawo yokudlela ibhekene nechibi elikhulu eliyingxenye yeSimangaliso.
Kukhona neSpa lapho okwazi ukuthi ubhucungwe umzimba, uphaphathe ubuso, wenze izinzipho nokunye okuvamise ukwenziwa kulezi zindawo. Ziningi nezinye izinto ezenziwa yizivakashi kule ndawo egabisa ngezinkanyezi ezine ngokukleliswa wumkhakha wezokuvakasha.
Uma ufuna ukupholisa ikhanda, ukuthula nokukhohlwa yisiphithiphithi sasemadolobheni, le ndawo ikufanele. Nami ngihambe kuyo sengifisa ukuthi bangihlele ukuhlala kuyo okungenani izinsuku ezine hhayi ezimbili.
* Ukuhlala impelasonto egumbini elilala abantu ababili kubiza kusuka kuR3 600 kuya kuR5000. Zikhona nezindlu ezifanele imindeni nabangani uma nibaningi.
Imininingwane : Inombolo yocingo ithi 035 5629005/0861010347, i-email ithi [email protected].
IDLISA NGANI LE NDAWO:
* Kunohambo lwezivakashi lokuntweza ngesikebhe zibuke izilwane ezisechibini
* Uhambo lwemoto noma ngezinyawo lokubuka nokufunda ngemvelo nezilwane
* Ukushayela izithuthuthu ezingama-quad
* Kunendawo ekhethekile yokwenza i-picnic engathokozelwa yizithandani nemindeni
* Uyakwazi ukudoba ofishi echibini - kunendlela ephephile eya echibini
* Akhona namabhayisekili okuhamba ezindaweni ezikhuphukelayo, phecelezi i-mountain bikes
* Kune-wifi esebenza kahle kuyo yonke indawo
* Amagumbi ahlelwe ngendlela yokuthi ukwazi ukubuka ichibi elikhangayo