UFISA ukusebenzisa namahhotela amakhulu owesifazane waseThekwini osezakhele igama ngamakhekhe athengwa online.
UNksz Nobuhle Maphanga (30) osezinze eHoneydew eGoli ungumnikazi we-Amini Bakery eyenza amakhekhe bese iwathumelele amakhasimende emakhaya.
Ukuqala kwakhe ibhizinisi waqala eminyakeni eyisihlanu eyedlule ngendawo yamakhekhe necoffe i-Amini Coffee Shop kuFlorida Road nodadewabo ababili uNksz Langelihle (32) noSnegugu (33).
Leli bhizinisi balenza unyaka owodwa eThekwini wayeselibangisa eGoli yena odadewabo basala eThekwini bagxila kweminye imikhakha.
UNksz Maphanga owenza amakhekhe emicimbi eyahlukene nokwazi ukuwathumela emadolobheni nakwizifundazwe ezahlukene, uthe akakaze aye esikoleni ukuyofundela lokhu.
"Ngiyakuthanda ukubhaka sidalwa, ngangilokhu ngizama ngishise kuyele. Kodwa ngelanga engathola ngalo indlela yokuwenza kahle, ngavele ngayihlanganisa kwaphuma njengoba kunjalo. Kusukela lapho angizange ngisayeka. Saqala ibhizinisi lasekhaya saqhamuka nezindlela zokwenza icoffee ngendlela ethandwa abantu. Sasivala isitolo ngoba sisafuna ukufunda nokunye okuningi, kodwa lingawile siqhubeka".
Eqhuba uthe odadewabo yibona abathumela amakhekhe eThekwini naseMgungundlovu bese yena egxila eGoli.
"Senzela nemicimbi ngokubheka inani lamakhekhe adingekayo. Kodwa inhloso enkulu ukusebenzisa namahhotela amakhulu senze lelo nani elidingeka ngaleso sikhathi ukuze ehluke kwamanye," kusho uNksz Maphanga.
Ukuba nohlelo lwakhe lokubhaka ngenye yezinto ezingamjabulisa ngelinye ilanga. Yize kuyisikhathi sikathaqa kodwa uveze ukuthi amakhekhe amaphathi yiwona angenisile ngalesi sikhathi nahamba phambili ngoba abantu bajabulisa imindeni yabo.