UNONDUMISO Sihlangu odume ngelikaShuduza ofuna ukuqokwa emcimbini walo nyaka amaSATMA, athe ufuna ukubuyisa isimilo ngegama lobuntombi
Image: Sithunyelwe
KULINDELEKE ukuthi kubungazwe ubuhle bezwekazi i-Afrika emcimbini walo nyaka wamaSATMA, abahleli bawo asebememezele ingqikithi yalo nyaka baphinde bakhuthaza abafuna ukungenela ukuthi baqale bathumele izicelo zabo.
Ingqikithi yalo mcimbi kulo nyaka ithi "Celebrating Africa", ezobe ihambisana nemikhakha yesintu okuzoqokwa kuyo abantu abahlukene.
Ekhasini labo kwiFacebook, abahleli balo mcimbi baveze ukuthi kulo nyaka bazobe bebungaza iminyaka engu-20 umcimbi bawuqala.
Bathe abafisa ukungenela bangaqala bathumele izicelo zabo kuze kube u-Agasti 1, njengoba umcimbi walo nyaka uzobanjelwa eDrakensberg.
Kulo nyaka baphinde bamemezela omunye wemikhakha emisha, okukhuthazwa ukuziphatha kahle ezintombini.
UNondumiso Sihlanu (26), odume ngelikaShuduza, waKwaMashu, ungomunye wasebephumele obala ngokufisa ukuthi aqokwe kulo mcimbi.
UNondumiso ufuna ukuba ngenye yezintokazi ezizigqajayo ngobuntombi bazo emkhakheni weCultural Maiden.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi unezinhloso eziningi ngokufuna ukuqhubeka agqamise ukuba yintombi, okuyinto okungamele ihambe yodwa kodwa kumele iphelezelwe izenzo ezehlukene.
"Mina ebuntombini ngiqale ukuhamba ngineminyaka eyisithupha ngoba ngangithanda ukusina. Umama wagcina esihlola, ngagcina ngiqonda ukuthi kwenzakalani. Ebuntombini engifuna ukuqhubeka ngikugqugquzela ukuthi asingagcini nje ngokuba izintombi ngoba singakahlangani nabantu besilisa noma ngemvunulo kuphela kodwa asibe yisibonelo emphakathini kanti indlela esiziphatha ngayo iyona okumele izikhulumele. Ngifuna ukukhuthaza isimilo ezintombini ukuthi sihambe phambili ukuze emphakathini, sifakazelwe iningi ngezinto ezenzayo," kuchaza yena.
Uthe ngisho kuziwa emfundweni nayo uyayikhuthaza kodwa futhi akafuni abanye baphelelwe ithemba ngokuziphatha kahle ngoba bengalitholanga ithuba lokuqhubeka nemfundo.
"Abanye abalitholi ithuba lokuqhubeka nemfundo kodwa ngiyacela ukuthi amantombazane ake abuyele ekwenzeni imisebenzi yezandla yanoma iluphi uhlobo ukuze akwazi ukuziphilisa. Kumele sifunde ukuzimela singanciki kubantu ikakhulukazi besilisa. Ngifuna ukuba yizwi uma ngiqokwa kulo mkhakha ngoba ngizokhuluma ngezinto ezehlukene entsheni yamantombazane," kuchaza yena.
Uthe imvunulo izintombi azisayihloniphi, njengoba zenza noma yini uma ziyigqokile, wathi ufuna kubuye isithombe esihle ngezintombi, ziphile inhlonipho kuwoma wonke umuntu ezimaziyo nezingamazi.
"Ngiyacela ukuthi abantu bangivotele ukuze ngifezekise amaphupho ami. Abafuna ukuvota bangathumela iSMS ethi SHUDUZA Most voted cultural maiden ku:33329."
Related Topics: