Impilo Yabantu

Kuyingozi ukulekelelwa yizikhuthazi ekubeni wubhememe ocansini

Bongiwe Zuma|Published

UKUZIVOCAVOCA kunomthelela omuhle wezempilo nokulwa nezinkinga zocansi Isithombe: SIGCINIWE

NGESIKHATHI abantu besifazane bebalisa ngabesilisa abangama “qhude”, bafakela abesilisa ingcindezi njengoba iningi ligcina lizama izindlela ezisheshayo zokuba wubhememe ocansini.

Isikhathi esiningi abesilisa abasolwa ngokuba nenduku esheshe ikhafule noma bafike kuvuthondaba, basuke benenkinga eyaziwa nge-erectile dysfunction, nokuyinto ehlasela abesilisa kungakhathalekile ukuthi baneminyaka emingaki.

Ongoti bezempilo bathi yiso lesi sizathu esigcina senza abesilisa bathathe imishanguzo, amaphilisi noma bachathe ngezimbiza ezinobungozi ngoba befuna ukuba ngobhememe ekameleni.

UDkt Vuyolwethu Olona Madikane uthi induku yomuntu wesilisa ijwayele ukuthi iphoxe. Ike ingavuku komunye, omunye ivuke kodwa athi esajabula imphoxe, ithambe umdlalo ungakapheli, asheshe achame, akhathale noma angalangazeleli qobo.

Ukungagijimi kahle kwegazi ngezinye zezinto eziba nomthelela kakhulu kule nkinga. Ezinye izithandani zigcina zingasabhekani nasekameleni ngoba noma abanye besilisa bezisebenzisa izikhuthazi kodwa abafiki kuvuthondaba nokuyinto egcina ibacasula futhi abesifazane.

UKUZIVOCAVOCA kunomthelela omuhle wezempilo nokulwa nezinkinga zocansi Isithombe: SIGCINIWE

"Isikhathi esiningi kuba izinkinga ezifana nokhwantalala, izinkinga zemali, ukungasebenzi noma ukusebenza kanzima bese kuphazamiseka ukugeleza kwegazi emzimbeni. Ngesikhathi efika ekhaya owesilisa aphuza into ezomkhuthaza, bese esheshe evukelwa elangazelela ucansi. Ziningi izinto ezenza abesilisa basebenzise izikhuthazi," kusho uDkt Madikane.

UNGABA wubhememe ngaphandle kokusebenzisa izinto ezinobungozi kuwe Isithombe: STRENGTH FIRST

Kwabanye izinkinga ziqala kancane ngoba umuntu usuke enganakile futhi nesithandwa sakhe singakhombisi ukuthi kunenkinga. UDkt Madikane uthi ilapho siqala sikhononda khona kuvele kube yizikhuthazi ezibukeka njengesixazululo esisheshayo nokugcina kudala izinkinga ezinkulu emzimbeni womuntu.

ABESILISA bagcina sebesebenzisa izimbiza namaphilisi okuba ngobhememe ngenxa yengcindezi abayifakelwa ngabesifazane Isithombe: RAWPIXEL

"Ekuseni uma evuka kuyenzeka ivuke komunye wesilisa ingavuki, agcine esefuna izikhuthazi. Konakala lapho umuntu esebheka izindlela ezilula zokuvuselela imizwa. Lokhu kunobungozi ngoba lezi zinto azihloliwe, zigcina seziholela ekutheni umuntu abe nesifo somdlavuza nokuyinto edlangile kubo. Komunye izogcina seyenza igcine ingasavuki qobo induku ehlala yelekelelwa ngezikhuthazi," kusho uDkt Madikane.

Ephetha, uthe ziningi izinto eziba wusizo kwabesilisa ngoba lokhu akuhambi naminyaka kodwa inkinga ehlasela cishe bonke abesilisa asebesesigabeni sokwenza inkonzo yasekameleni.

Ongakwenza ukulwa nezinkinga zocansi:

-Ukuzivocavoca ngezinye zezindlela ezigcina umzimba wakho usebenza ngendlela negazi ligijime zonke izingxenye zomzimba ezibalulekile.

-Ukudla okunempilo kuyalekelela nakho, awugcini nje kuphela ngokuzivocavoca ukuze ube nempilo nezakhamzimba, zisuke zidingeka.

-Ukwehlisa uphuzo oludakayo kungakusiza ngoba nalo linomthelela ekutheni ugcine ushaya udaka uma wenza inkonzo yasekameleni.

-Ukuhlala uphuza amanzi kuyasiza ukukhuculula nokuhlanza konke ukungcola okusuke kungadingeki emzimbeni nokukwenza uhlale ukhathele.

-Ukunciphisa ukubhema ugwayi kuba nomthelela omuhle, ukwazi nokwenza izinto ebezingenzeki kalula ngesikhathi senkonzo yasekameleni.

-Ukuhlala uhlolela izifo kodokotela akube umkhuba ozijwayeza wona ngoba udokotela uzokwazi ukusheshe ayibone inkinga yakho bese ekwelapha.