INKOMO yowesifazane ibalulekile, kumele iphathwe futhi inakekelwe kahle njengoba kuye kwenziwe ebusweni, bona obuke benziwe okubizwa nge-facial.
Ongoti bezempilo nabezokuzicwala bathi inkomo iyayidinga i-vagacial, okusho ukuthi ngezikhathi ezithile ithola ukucwalwa nokuhlanzwa okukhethekile okungafani nokwezinye izinsuku njengoba kuye kwenziwe ebusweni.
Ungoti wesikhumba ophinde abe wumcwali, uNkk Thenjiwe Khumalo weD'Light Health & Beauty Spa kuFlorida eThekwini, uthi uma kwenziwe i-vagacial kulandelwa izigaba ezifana nezokwenza i-facial. Okwehlukile wukuthi kusuke kungenziwa ubuso kodwa kuhlanzwa inkomo.
Lokhu uthi kwenzelwa ukuthi isikhumba sobuntu bowesifazane siphefumule kahle singamilwa yizintunjana abesifazane abayaye bazibone, sigqame futhi sihlale sibe nempilo njengoba sihlala simbozwe yizingu zangaphansi isikhathi esiningi.
"Imikhiqizo engenawo amakhemikhali, amakha, nezithako ezingenayo i-acid eningi yizona ezisetshenziwayo ukuqinisekisa ukuthi asihlukumezeki isikhumba futhi awukho nomonakalo ozosala kusona. Isikhumba ngesikhathi sishiselwa simbozwe yizinwele nomjuluko kulahleka nombala waso. Nokubizwa nge-kiwi sikulungisa nge-vajacial. Abantu abaningi abayijwayele futhi abakhonzile ukuthintwa ebuntwini babo, kodwa ngiyakukhuthaza okungenani nikwenze nindawonye njengabangani, izithandani noma izelamani ukwenza isikhumba sibe nempilo nithokozele nokuba ndawonye nenza into eyehlukile,"kusho uNkk Khumalo.
Ephetha uNkk Khumalo uthe yize kungangenwa phakathi enkomweni uma kwenziwa lokhu, kodwa ukulinganiseka komswakama okuphakathi nendawo (PH balance) kubalulekile ebuntwini bowesifazane futhi basuke belekelela nakukho lokho. Ukuqinisekisile ukuthi iqashelwa kakhulu imikhiqizo esetshenziswayo ukuze ingabi yingozi noma ishelele ingene nalapho kungafanele khona, kunalokho kuba ngelaphayo.
Izindlela ezilula zokwenza lokhu:
Gunda/ Shefa
-Kuqalwa ngokususa zonke izinwele ngemikhiqizo efanele noma umshini wokushefa ukuze sihlale obala isikhumba.
Exfoliator
-Lokhu kweziwa ngengxubevange yezithako ezinezinhlayiya zokuchopha isikhumba ukuze kusuke isikhumba esingasadingekile. Kuyasiza nokususa izinwele ezisale ngesikhathi kushefwa, bese kuvuleka kahle nezimbobo zesikhumba ukukhipha udoti.
Ukugquma
-Kunohlobo lomshini osetshenziswa ukufutha ubuntu bowesifazane ngaphezulu sakusigquma njengoba kusuke kwenziwa ubuso.
Twiz
-Emuva kokugeza konke lokhu okungenhla kucubungulisiswa kahle kuchuthwe izinwele ezingasukile kahle esikhumbeni kusetshenziswa okubizwa nge-twizzer.
Mask/cream
-Kuyanamathiselwa ukuthi kuqoqe konke ukungcola okungabe kusale ngesikhathi kwenziwa okungenhla, bese kulindwa imizuzu ewu-15 ngaphambi kokugeza. Kuzophinde kubulale namagciwane angabe akhona esikhumbeni. Kuzokwehlisa nosayizi wezimbobo zesikhumba ezivuleke ngokweqile zibuyele kokufanele.