UKWANDA kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana eziveza imikhuba okuthiwa yenziwa ngezithombe zabantu, amagama abantu, imali nezimpahla zangaphansi, kushaqisa abaningi.
Izithombe ezilokhu zisabalala ziqubula umsindo nenkulumo-mpikiswano njengoba kunabantu abakholwa wukuthi ukuthakatha kusekhona, kodwa kukhona nabasakholwa wukuthi leyo nto yimilingo nje engasebenzi.
Abanye baze bathi izinkinga zothando nezinkinga zomnotho izwe elibhekene nakho, yikhona okwenza abantu bazidele, benze noma yini okuthiwa ingalungisa uthando noma ingaletha umcebo.
Ongoti besintu bakholwa wukuthi ukufika kwabelaphi bendabuko bakwamanye amazwe, yikhona okufike nemigilingwane ebonakala ezithombeni yenziwa, njengokufaswa kokhiye kubhalwa amagama abantu, ukuboshelwa konodoli ndawonye bese kufakwa ingidi, okunenkolelo yokuthi kwenza abathandanayo bangahlukani.
Ungoti wezesintu futhi ongumholi wabelaphi bendabuko kuleli, uMnuz Sazi Mhlongo uthi imikhuba eyenziwa emahlathini ngabazibiza ngezinyanga noma ngabelaphi bendabuka kudida ngendlela edlulele. Okunye uthi naye eyinyanga akakaze wakuzwa noma wakubona, kuyammangaza.
"Iqiniso wukuthi kunabefundisi nezinyanga zakwamanye amazwe eziwaka abantu ngemikhuba esuke ihambisana nemali. Imikhuba eyenziwa ngezithombe namagama abantu akusho ukuthi kusuke kuzokwenzeka ngempela ngoba imvamisa kusuke kuwakwa imali kubantu. Okunye ngeke ngikwazi kahle ngoba kuwukuthakatha. Thina kuleli siyizinyanga ezelaphaya asithakathi,"kusho uMhlongo.
Eqhuba uthe uma kwenziwa imkhuba kuyenzeka izwele kwabanye abantu ngoba belula. Yingakho ethi uma uwumuntu kumele ube nendlela ozivikela ngayo ukuze ungangenwa yiyo yonke imikhubampofu eyenziwa ngabathakathi. "Abantu sihlala sibakhuthaza ngokuthi abathole umuthi wokuziqinisa khona noma ngabe abantu bayagadla, bafike beqinile. Ukuncinda nokuthola usizo lokuziqinisa kuyakwazi nokulwa nemimoya esuke izohlasela ekhaya. Inyanga yendawo eyaziwa wumuntu wonke yiyona ezoba nosizo ezokwazi ukukudlulisela kwenye uma ingalwenzi lolo hlobo lomsebenzi,"kusho uMhlongo.
UDr 3 Seconds naye uveze ukuthi eNingizimu Afrika imikhuba iqale ukwanda ngokufika kwabokufika, okuyinto abafisa isukunyelwe. "Uma kusetshenziswa inkukhu emnyama, kusuke kugcinwa izinto ezahlukene kodwa abanye bayayisebenzisa ukukhipha isilwane, bese kuthi abenza imikhuba bayisebenzise ukuvala izinto zomuntu zingalungi. Kufana nokusetshenziswa kwezimpahla zangaphansi zomuntu. Lowo wumkhuba wabokufika,"kusho uDr 3 Seconds.
Eqhuba uthe njengoba abekwa endlunkululu ukuthi abhekele ezesintu, unesifiso sokuthi kutholwe izindlela zokuthi kuliwe nemikhuba. Okunye akuvezile uthe into esuke ihloswe ngemikhuba wukwenza imali kusetshenziswa izinkinga zabantu, okwenza balutheke kalula ngoba iningi lezigilamkhuba zisebenzisa isalamuzi lokulutha abantu.
Ongoti besintu bakhuza abantu abagcina benziswa imigilingwane, bathi imithi esetshenziswayo yingaba yingozi kumuntu ogadlayo uqobo. Ingenza bona uqobo abemigilingwane bagcine bengalungelwanga lutho noma izinto abazenzayo bethi bazenza kwabanye, zigcine zibuya ngabo nemindeni yabo izithole isenkingeni, ingalungelwa lutho empilweni.
Deep Caption
ABELAPHI bendabuko bakhuza imikhuba eyenziswa kusetshenziswa onodoli, izithombe zabantu nezilwane ukugila abantu ngezinto ezahlukene. Abalaphi bakuleli bathi sekuyisikhathi sokuthi basukunyelwe oqhiphikhowa bakwamanye amazwe, abafika nemikhuba kuleli Izithombe: FACEBOOK