ABESILISA sebeqophe umlando ngokuqhamuka nomdlalo abahlose ukuzikhulumela ngawo kwabesifazane ngenxa yesimo abazithola sebebhekene naso. Ngokujwayelekile imidlalo ebizwa ngokuthi i-challenge lapho kusuke kuphonselwana khona inselelo ngokuthile ezinkundleni zokuxhumana ikhonzwe ngabesifazane. Kodwa muva nje abesilisa bavele baqubuka neye hambidlani okuwumphako abanxusa ukuthi abesifazane bajwayele ukuwuphatha uma bezobavakashela.
Abesilisa bakhala ngesimo somnotho esingesihle, abanye baveza ukuthi bahlala emqashweni kuba nzima ukupheka izambane lokugcina uma kuvakasha intombi. Babodwa abaveza ukuthi basahlala emakhaya kuba nzima ukucela amapuleti abantu ababili naye engasebenzi. Ngakho bakhuthaza abesifazane ukuthi bazijwayeze ukuphatha umphako kulezi zikhwama abaziphathayo. Umxovo bathi abanankinga nawo kodwa awube nezinto zetiye noma nesinkwa.
Lo mdlalo nabesifazane bazwakala bewamukela njengoba iningi labo liveza ukuthi lihlala libhuqwa indlala uma livakashele amasoka. Abanye besifazane baveze ukuthi amanye amasoka aphume sengathi ayophuza amanzi abuye esenuka isishebo, okusho ukuthi afike adle ekhishini. Lo mdlalo njengoba uqhubeka, kulokhu kuvela izithombe ezehlukene zabesifazane bewamukela.
Yize kunjalo kodwa kukhona abesilisa nabesifazane abangayizwa kahle le yomphako ngoba uhambo luyahlelelwa futhi bakubona kungafanele owesilisa afune ukuvakashelwa engenako ukudla. Bathi kumele bazihlelele ngoba nomcimbi uma uzomema izivakashi uyazihlelela ezizokudla neziphuzo. Abanye bathi nabesifazane banalo ilungelo lokuphatha izicoficofi kungathengi abesilisa kuphela. Lo mdlalo umandla emakhasini ahlukene kuFacebook nokungenzeka ukapakele naku Twitter njengoba le midlalo ivamise ukujikeleza.