ABESIFAZANE yibo abatheleleka kakhulu ngegciwane lesandulela ngculazi besebancane, uma beqhathaniswa nabesilisa abalingana nabo. Kodwa lokhu kakusho ukuthi yindlela abaziphatha ngayo ngoba yehlukile kuneyabesilisa.
Lokhu kushiwo uDkt Nkosilesisa Mpofu osebenza
kwi-United Nations Disease Control Centre eseNingizimu Afrika, echaza ngezizathu eziholela abantu besifazane basuleleke kakhulu ngengculazi.
Uthe abantu besifazane kabakwazi ukukhuluma nophathina babo mayelana nokuthi kusetshenziswe ikhondomu ngoba abanye basuke bencike kubo ngokwemali, bese kuba nzima ukuthi bakhulume ngokukhululeka ngoba besaba ukushiywa.
Uthe amantombazane amancane ajwayele ukuthandana nabantu abadala kunawo ngoba edinga ukwesekwa ngokwemali. Uqhube wathi yilokhu okuwabeka engcupheni yokungenwa yingculazi ngoba ayehluleka ukukhuluma ngezindlela eziphephile zokuya ocancini namadoda amadala.
“Kwesinye isikhathi amantombazane yiwo asuke efuna ukuthandana nabantu abadala ngenxa yokuthi azalwa emindenini eswele. Asuke azi ukuthi amadoda athandana nawo anabesifazane abaningi athandana nawo kodwa engenayo inkinga yalokho ngoba ayazuza.”
Uthe kakusho ukuthi abafana kabakwenzi okwenziwa ngamantombazane. Kodwa bona babuye bavikelwe yindlela imizimba yabo eyakheke ngayo.
“Ubuntu bendoda kabukhongozeli. Uma esokile kwehlisa amathuba okuthi angenwe yigciwane. Intombazane eqalayo ukuya
ocansini iba sengozini enkulu yokuthola igciwane ngenxa yokwakheka kwesitho somzimba wayo.
“Amantombazane yiwo okuvamise ukuthi ashade esemancane, bese elahlekelwa yithuba lokufunda, ancike emadodeni ngokwemali nakho lokho kunomthelela.”
USolwazi Sinead Delany-Moretlwe oyi-Associate Professor and Director wesikhungo esicwaninga ngegciwane lengculazi eWits Reproductive Health and HIV Institute, ukholwa wukuthi kudingeka ubuchwepheshe bokuvikela owesifazane ezifweni zocansi buphinde bumvikele ekutheni akhulelwe.
Uthe lokhu ukusho ngoba amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-15 kuya ku-24 yiwo asengozini yokuthola igciwane kuleli njengoba izibalo zikhombisa ukuthi angu-1 745 amantombazane angenwa yigciwane njalo ngesonto.