UBONGA uthando aluthole kumyeni wakhe nokumeseka uNkk Sithembile uMaMyeza-Magwaza, owethule elinye lamahhotela asengumnikazi walo iLa Clef Boutique Hotel, eseMidlands maphakathi neKwaZulu-Natal, ngempelasonto edlule.
UNkk Myeza-Magwaza waseMandeni, uthe ukuphelelwa wumshado wakhe wokuqala akumqedanga amandla okuthi afeze amaphupho akhe njengoba ukuthola uthando lweqiniso kwamenza wakhuthala ekuthuthukeni emkhakheni wamabhizinisi.
Uthe ukuzitshela ukuthi ufuna ukuyaphi nempilo esemncane kwamsiza washeshe wakwazi ukuzimela futhi wafuna ukuba neziqu zemfundo ephakeme yize isimo sezimali kubo sasingesihle.
“Ngijabule ngokuthi namhlanje ngibe nebhizinisi elikhulu kangaka. Kodwa umkhakha wezimali yinto okudala ngangena kuyo njengoba ngangiyintombazane ehlakaniphile kusukela ekukhuleni kwami. Ngibonga abazali bami noma umama ngingamazi ashona ngimncane kodwa kwangisiza ukuba nosingamama owangivikela ezintweni ezehlukene ngikhula, futhi nokuyiswa eBoarding School ngisemncane kwangisiza ngabona ukuthi umama ongikhulisayo ufuna ngikwazi ukusheshe ngizimele okuyinto engayibona sengikhulile."
Uthe: "Kwathi ngiqeda isikole imali yokungifundisa ingekho ngathola uxhaso lwemali yokufunda ngahamba ngaya eKapa, ngayokwenza iziqu zeBcom kwi-Accounting, ezashintsha impilo yami kuze kube manje. Angigcinanga ngazo kodwa ngafunda ngagogoda nakweminye imikhakha njengoba ngathola iziqu eNyuvesi yasePitoli, eWits nase-Unisa.”
Uveze ukuthi amaphupho ayenawo aqala ukufezeka ethola umsebenzi kuMasipala weTheku, esemnyangweni wezimali okwathi ngokuhamba kwesikhathi wasebenzela inkampani ezimele iB&M Analyst, lapho ayesebenza khona nabantu besilisa iningi labo kungabelungu, afunda okukhulu kubo kodwa wagcina eshiyile.
“Kule nkampani engangikuyo ngagcina ngingomunye wezikhulu ezihlala ebhodini layo.Yize ukuhamba kwami ngashiya ngenxa yezingqinamba kodwa abantu engangisebenza nabo bangifundisa okukhulu ngokwenza imali, ukuyonga nokuqala amabhizinisi. Ngaphuma kuleyo nkampani ngayosebenzela uhulumeni ehhovisi likaNdunankulu. Mina nomyeni wami sagcina sivule igaraji likaphethroli eNanda, ukuze sithole leli hhotela sakhetha ukuthenga ipulazi ngoba sasifuna ukuba nendawo enokuthula ekude nedolobha uma sifuna ukushaywa wumoya nomndeni wami. Uma silithenga sajwayelana nabelungu esakhelene nabo salibona leli hhotela, asigcinanga lapho ngoba manje siphinde sitshale nezihlahla zokwenza amakhambi omkhuhlane ngenxa yokuba nendawo enkulu. Manje sisabheka okunye esingakutshala endaweni esinayo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi yize esasebenza, kodwa ukufeza elinye lamaphupho akhe kube yinto enkulu kuye.
Uqhakambise ukuthi usizo aluthole kwabanye ozakwabo ukuze bathenge leli hhotela kube yinto enkulu efeze amaphupho akhe eminyaka.
Yize engenalo ulwazi olukhulu oluthinta umkhakha wamahhotela kodwa uveze ukuthi ngokuhambela amazwe ahlukene belala ezindaweni eziphambili, kukhona akufundile angangabazi ukuthi kuzokwenza leli hhotela libe kwahamba phambili esifundazweni.