Lokhu kuvezwe ngenye yezinyanga esezimnkantshubomvu, uMnuz Nhlanhla Cele.
Uthe inkinga yezinyanga eziningi azibhalisile ngokusemthethweni okwenza kube lukhuni ukuthi ziphumele obala ngomsebenzi wazo kanti ziyakwazi ukuthiba imikhuhlane enamandla njengeCovid-19 ngamakhambi azo.
“Mina ngithi uhulumeni akasinike ithuba lokuthi silaphe iCovid-19 ngoba sinawo amakhambi okuyithithibalisa kodwa kulikhuni ukuthi siphumele obala ngalokho ngoba amakhambi ezinyanga eziningi awahloliwe.
“ Ezinye azibhalisiwe ngokusemthethweni. Uhulumeni angakwazi ukusebenzisana nezinyanga ezinezitifiketi zokwelapha nezizovuma ukuthi amakhambi azo aye kohlolwa wochwepheshe bezempilo.
“Ithina esinenkinga ngokungafuni ukuthi amakhambi ethu aye kohlolwa kanti iningi imali esiyenza ngokwelapha ngokwesintu sicishe sedlule ngisho odokotela baseNtshonalanga,” kusho uCele.
UCele uthe njengoba sekuke kwavela ukuthi iCovid-19 yelashwa ngomhlonyane, kwamanye amazwe, lokho kuyiqiniso.
“Nala eNingizimu Afrika bakhona abantu abawusebenzisayo umhlonyane ngendlela engahlelekile ngoba abawazi ukuthi usetshenziswa kanjani.
“Ukukha phezulu, umhlonyane awusetshenziswa wodwa ngoba unamandla amaningi uma unjalo ungaba yingozi kumuntu agcine ngokushona.
“Nesikali okumele abantu basisebenzise abasazi. Uma uwupheka umhlonyane uwuhlanganisa neminye imithi ethile njengoMasethole, Ushisizwe,
“Umjuluka, Umthombothi, Ishinga, Insangu neminye engeke ngiyidalule ngoba abantu bazosuke bayisebenzise ngokungemthetho njengoba bengezona izinyanga,” kusho uCele.
Uthe akaqondile ukuzimaketha kodwa amakhambi akhe ahloliwe futhi nezinyanga ezinamakhambi anjengawakhe zingaphumela obala zisize abantu ukuze kwehle izibalo zabantu abahaqwa yiCovid-19.
Uveze ukuthi kumanje sikhona esinye isifo esizayo esizogulisa abantu esihlobene neCovid-19, esikhathaza amalungu omzimba kubantu.
Uthe kwayona iCovid-19 ayisabagulisi ngendlela efanayo abantu njengoba iningi lilindele ukuthi ezinye izimpawu wukukhuphuka kwezinga lokushisa.
Uthe kwabanye izinga lokushisa liba sesimweni esikahle kodwa uthole ukuthi banayo, okwenza kube nzima ukubona umuntu osethelelekile ngokuhlola izinga lokushisa.