Impilo Yabantu

Izinto ongazenza ukusiza oqalwa yile nkinga

Bongiwe Zuma|Published

UKUCOBEKA komzimba uzizwe uhlala ukhathele kungavumi uvuke ngisho embhedeni kungenye yezimpawu zokhwantalala nengcindezi kwabanye abantu. Isithombe: Sigciniwe

Lesi sifo kasihlaselanga ngokugula kuphela kodwa senze impilo yabantu yama nse! Bavaleleka emakhaya, kwawa izinkampani, kwanqanyulwa imiholo, inqwaba yaphelelwa yimisebenzi. Lokhu kwenze ingxenye enkulu yabantu yagula emiphefumulweni.

Ongoti abelapha ezomphefumulo, bathi abantu abavele benezinkinga eziphathelene nomqondo bazodonsa kanzima ngokweqile ngalesi sikhathi.

Ungoti wezengqondo, uDkt Lungisani Mthiyane, oyisikhulu esiphezulu eDurban & Coastal Mental Health eWestville, uthe mkhulu umthamo wabantu ababhekene negcindezi.

UMthiyane uthe izinkinga zeCovid-19 ziholele ekutheni babe nomthamo omkhulu wabantu abelashwa ngokomqondo, nezinye izifo ezihlukene kanjalo nabantu ebekade bengenazo abazithole sebebhekene nezinkinga phezu kwezinye.

“Lesi yisikhathi esinzima kakhulu kubantu ababhekene nezifo zengqondo, bangaphazamiseka kakhulu ngenxa yezinkinga zasemsebenzini, zasekhaya, izinkinga zemali novalo ngeCovid-19.

“Isibalo siphezulu kakhulu njengamanje kodwa sinezindlela zokubalekelela nemindeni yabo ngoba izifo ezifana ne-bipolar ne-schizophrenia zivele zivuke noma yinini. Ongoti bezengqondo nosonhlalakahle babhekene nomsebenzi omkhulu njengamanje kodwa kunezindlela esizilungiselele ngazo ukubhekana nokwanda kwabantu,” kusho uMthiyane.

Eqhuba uthe imindeni eminingi nayo ibhekana nenkinga yokuthi ingakwazi ukuhlukanisa uma umuntu eqalwa wukugula.

Kwabanye kuthi noma sebebona kodwa bangakwazi ukulandela izindlela ezingasiza umuntu ogulayo ukuze nomndeni ukwazi ukuphila ngendlela efanele.

Lokhu uthe kuba nomthelela ekutheni umuntu angalulami ngendlela noma asheshe asizakale ngokushesha ikakhulu uma engalutholi usizo ehleli ekhaya.

“Zonke izifo zengqondo zidinga isikhathi esanele sokuthi umuntu elulekwe ngokwanele ngokomqondo ngaphambi kokuthi kufikwe kwezinye izigaba zokwelashwa. Into ebaluleke kakhulu nesiyiqikelelayo wukuthi umndeni ufundiswe ngohlobo lwesifo umuntu abhekene naso nendlela zokuphila naye.

“Engingakukhuthaza wukuthi abantu baphumele obala ukuze kube lula ukuthi sibasize,”kusho uMthiyane.

* Uma kukhona onenkinga nofisa ukumtholela usizo noma nawe uqala ukubona izimpawu ungabathinta abeDurban & Coastal Mental Health ku: 031 207 2717 bakuthumelele osonhlalakahle abazokusiza.