BANINGI abanenkinga yesikhumba kanti abanye sisuke siyobulwe wukhilimu futhi kusuke kungelula ukulungisa umonakalo. Lokhu kuholela ekutheni abanye abantu besifazane, bangenwe umdlavuza wesikhumba kanti udlanga kakhulu ngentwasa hlobo.
Ongoti besikhumba bathi inkinga ngokhilimu besikhumba wukuthi, bathakwe ngezithako ezifanayo nezilungele izinhlobo zesikhumba zabantu abasuke bengenazo izinkinga ezitheni esikhumbeni.
Ungoti wesikhumba uNkk Futhi Mkhize weNN Skin noBuhle Beauty Academy, uveza ukuthi ngokwendalo abantu abamnyama banesikhumba esinempilo nesiqine ngokwanele ukuthi simelane nezinkinga zesikhumba.
UNkk Mkhize uthe kodwa umehluko usekutheni umuntu omnyama isikhumba sakhe asizwani nezithako ezinamakha, amakhemikhali nokuyinto engeyona inkinga kangako kwezinye izinhlanga.
Ubalule nokuthi iningi labesifazane libhekene nenkinga yokuphelelwa i-Epidermis, evikela isikhumba ekubeni ayikho into engayibuyisa ngoba ngeyendalo futhi umuntu uzalwa nayo.
" Le mkhiqizo eminingi enye eyenzelwa ukukhanyisa isikhumba ifakwa isithako esibizwa ngokuthi i- hydroquinine okuyiyo edla i-epidermis, okuyisikhumba esibalulekile emzimbeni womuntu. Lokhu ukubona ngokuthi umuntu aqhanse imithamo engaphakathi esikhumbeni okungamele itholwe yilanga. Kuyingozi enkulu lokhu kanti nomdlavuza wesikhumba sewungakuthola kalula. Imikhiqizo yokuzikhanyisa idala umonakalo ngenxa yezithako ezisetshenziswa kuyo, eziqeda uhlobo lwesikhumba esivikela umuntu elangeni," kuchaza uNkk Mkhize.
Eqhuba uNkk Mkhize, uthe kufana nse nomkhuba wokungena ezingubeni neziphaqulo umuntu aze azumeke kuse ekuseni. Leli ngelinye lamaphutha amakhulu enziwa ngabesifazane ngoba iziphaqulo zilekelela ukuthasisela ubuhle bendalo kodwa kumele zingahlali ubusuku nemini esikhumbeni.
" Inkinga enkulu eyenziwa abantu ukulala neziphaqulo ngoba kugugisa isikhumba singakashayi isikhathi. Kujwayelekile ukuthi abantu abasebenzisa iziphaqulo babukeke bebadala kuneminyaka yabo ngenxa yokungasihlanzi isikhumba ngaphambi kokulala. Ukuzijwayeza ukugeza ubuso ngamanzi abandayo, uphinde uwaphuze kuyasiza kakhulu ukulungisa umonakalo osuke usukhona," kusho uNkk Mkhize
Ephetha uNkk Mkhize ukhuthaze abesifazane ukuthi noma umuntu ewaphuza amanzi kodwa kumele aphinde baqinisekise ukuthi lonke uhlobo lweziphaqulo lunesithako sokuvikela isikhumba elangeni.
Lesi sithako sibizwa ngokuthi iSun Protection Factor (SPF) iningi lemikhiqizo linaso. " Nanoma iyiphi isizini isikhumba somuntu siyayidinga iSPF, lokhu kusiza ukuvikela illanga, ugesi nanoma yiluphi uhlobo lokukhanya okungatholwa isikhumba. Abantu abaningi abavamisile ukuyinaka imikhiqizo nokuyinto eyiphutha elikhulu ngoba noma kungezona iziphaqulo iyadingeka iSPF entweni yokugcoba. Kumele ngaso sonke isikhathi umuntu athatha umkhiqizo oneSPF enenombolo enkulu," kweluleka uNkk Mkhize.
Uthe ukuzivocavoca kuyasiza ukukhipha ukungcola ngomjuluko esikhumbeni somuntu, bese ephuza amanzi kakhulu emva kwalokho.
Bakhona osaziwayo asebeqhamuka nemikhiqizo ehlukene elungele isikhumba sabantu besifazane abamnyama. UThando Duma onguDJ nowaziwa ngelikaLady Amar unemkhiqizo ehlukene yokugcoba umlomo i-Armar lips & Cosmetics, kanti maduze uzokwethula neyesikhumba.
Ngokusho kukaThando emva kokubona igebe elikhona kwimikhiqizo ehambisana nesikhumba sabamnyama, wabona kugcono enze eyakhe imikhiqizo yokugcoba umlomo. Ukholwa ukuthi isikhumba sabamnyama sakhiwe ngendlela ehlukile kunezinye izinhlanga, nokwenza kube nezithako ezikhethekile okumele zifakwe emikhiqizweni eqondene nabo ngqo.
Umlingisi woMuvhango uTebogo Thobejane, naye ngokwesipiliyoni asebenaso ngabesifazane abanezinkinga zesikhumba ugcine esesungula iK100 enemikhiqizo yobuso, umzimba, ikhanda neyokuvikela ilanga.
UTebogo uphinde wavuselela nemkhiqizo yasekhanda yama 90's iBlack Like Me eyasungulwa nguyise uMnuz Obed Ndoda Thobejane nozakwabo. UTebogo uthe imikhiqizo yakhe yeK100 ithakwe ngendlela yokuthi ilungise umonakalo osuke wenzeke esikhumbeni somuntu, uphinde usivikele elangeni.