Impilo Yabantu Intandokazi

Uthisha ubhale incwadi eqinisa ozakwabo abaswele amatoho

Simangaliso Ntshangase|Published

UTHISHA, uValentine Shabalala, usanda kukhipha incwadi eqinisa ozakwabo abangasebenzi

Image: SITHUNYELWE

UKUQONDA ukuthi akuwona wonke uthisha ongaphothula izifundo zakhe zobuthishela athole umsebenzi ngokushesha nokwazi izinselelo ezahlukene zempilo ezibhekana nabaswele lo msebenzi bebe bewufundele, kwenze owesifazane onguthisha wabhala incwadi ngenhloso yokuqinisa futhi akhuthaze ozakwabo ababhinjelwa yizinto.

Lowo nguValentine Shabalala, uthisha wesiZulu webanga lesishiyagalolunye, elesi-11 naku-matric wasesikoleni samabanga aphezulu Intshisekelo Secondary, eMachobeni, enyakatho yaseThekwini.

Ubhale incwadi esihloko sithi The Harmony Of Hypocrisy, eshicilelewe yinkampani yezincwadi i-Afezeka Publishers kaMnuz Siphephele Dlamini.

UNksz Shabalala (31), ongowokuzalwa KwaMashu kodwa wakhulela eNanda, uthe uqale ukupheka le ncwadi ngo-2022, esevele enza umsebenzi wobuthishela, awuqala esafunda e-eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngo-2014.

Izifundo zobuthishela uziphothule ngo-2016.

IKHAVA yencwadi kaValentine Shabalala esihloko sithi The Harmony Of Hypocrisy

Image: SITHUNYELWE

"Ngibhale le ncwadi ngifuqwa yilukuluku ebenginalo esimweni esake sabhekana nomunye wabangani bami, naye onguthisha. Wake waba nenkinga iminyaka eminingana impela engawutholi umsebenzi wobuthishela. Lokho kwenza ngafisa ukuthi kube khona engikwenzayo ukuqinisa nabanye abanenkinga efanayo. Ngikwenze ngoba ngiyazi futhi ngiyabona ukuthi lesi simo siba nzima kangakanani kwesisuke sibhekene naye nokuthi akuwona wonke umuntu okwazi ukusibekezelela, njengoba kuye kwenzeke ukuthi abanye bagcine benza izinto ezingalungile ukuziphilisa, ikakhulu abesifazane. Yibona engiyibhekise kubona kakhulu incwadi yami," kulandisa uValentine.

INGAPHANDLE lencwadi kaValentine Shabalala esihloko sithi The Harmony Of Hypocrisy

Image: SITHUNYELWE

Uthe nakuba kuyincwadi yakhe yokuqala le kepha indlela abantu abayamukele kahle ngayo, seyenze ukuthi akhuthalele ukubhala futhi axoxe ezinye izindaba ezithinta abantu abaningi.

I-The Harmony Of Hypocrisy ibiza u-R250, kanti okwamanje isatholakala kuValentine Shabalala kuphela kwabayidingayo.

Uveze ukuthi useqale izinhlelo zokuthi itholakale ezitolo ezidayisa izincwadi, kubalwa i-Book Lounge esisukumele phezulu, ithenga le ncwadi ngenhloso yokumdayisela esitolo sayo esiseKapa.