UKHULE ewumuntu okhonze ukuthwebula izithombe ngakubo Kwantombiyehlulunina, KwaMaphumulo, kwaze kwafika lapho abazali bakhe bemeseka khona ukuba aqhubeke nento yakhe, bamthengela i-camera nomakhalekhukhwini kokushutha izithombe ezinhle.
Luqale lwakhula kanjalo udumo lukaNksz Fezeka Mngoma, odume ezinkundleni zokuxhumana ngokuqopha ama-video amafishane emicimbini yesintu ikakhulu ekamaskandi.
KuFacebook usenabalandeli abangaphezu kuka-115 000, bese kuba ngabangaphezu kuka-202 000 kuTikTok, kuhambisana nama-view awu-5.7 million.
Engxoxweni neSolezwe ngalokhu uNksz Mngoma (23), osezinze eThekwini, uthe ukulokhu eshutha izithombe nama-video kwanoma yini asuke eyenza, bese ekufaka emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, kwahamba kwaze kwadonsa iso lethimba labahleli bomcimbi wesilomo sikamaskandi uGatsheni, owawuqala ukwenziwa ngo-2023.
“Bangithinta bancoma umsebenzi wami, base becela ukuthi ngibaqophele ama-video amafishane amaciko ayezobe enandisa ngalelo langa, bese siwafaka ekhasini labo lalo mcimbi okwaba yimpumelelo kakhulu futhi bangikhokhela kahle ngomsebenzi engangiwenzile. Lokhu kwangikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nalo msebenzi ngokwami."
Uthe:“Ngiqhubeke kanjalo ngenza ama-video emicimbini ehlukene kubalwa iSomnandi Music Festival kaThokozani Langa, iMzukulu Home Coming kaMzukulu, yi-All White Picnic kaKhuzani Mpungose, Imbadada Music Festival, iNongoma Big Night Festival."
Useke wabizwa amahlandla amaningana oKhozini FM, eyoqopha ama-video ngokusuke kwenzeka ohlelweni lomculo kamaskandi, iSgiya Ngengoma.
Uthe udumo lwakhe alusagcini ngokungenisa imali ngenzuzo ayikhokhelwa yiFacebok neTikTok kuphela, kodwa kuyamsiza nokumaketha ibhizinisi lakhe lokuqashisa ngemvunulo elibizwa ngeBeads by Fezeka.
Usegqokise osaziwayo okukhona kubona uModelkaz, umsakazi woKhozi FM uBingelela Mpanza noWelile Mchunu.
Ngaphezu kwalokho, le ntokazi isanda kumemezela ukuthi isiyinxusa lenkampani eyenza amateku nezimpahla zokugqoka iMitchwear, lapho izobambisana khona nomculi wamaskandi uSminofu.
“Konke lokhu okwenzekayo kuyangikhuthaza ukuthi ngizimisele kuyo yonke imisebenzi engiyenzayo ngoba yize bengingalindele ukuthi kusheshe kangaka, kodwa sekuyangikhuthaza ukuthi ngingabe ngisabheka emuva,” usho kanje.