UTHANDO nentshisekelo yokusebenzisa ubuciko bezandla ukuziphilisa akubona kuwubizo kuyena - kwenze owesifazane osewusomabhizinisi washiya phansi imikhakha emibili ayifundele waqoka ukuziphilisa ngokwenza imisiko ehlukene yemfashini.
Lowo wuNksz Neliswa Jali, umnikazi wenkampani yengqephu iNelly J Designs, yaseThekwini, ayiqale emva kokuphothula izifundo zomkhakha we-Social Work nowe-Forensic Science; ayiphothule ngo-2019 nango-2023 e-University of South Africa.
Lo somabhizinisi odabuka eHarding, ogwini oluseNingizimu yaKwaZulu-Natal, uthe wafika kwelikaBhanana ezofunda ngoba enzela ukujabulisa abazali nokuthi abe nezicucu.
"Kodwa inhliziyo yami ibihlale isemkhakheni wemfashini kusukela ngisemncane, okuthe sengiphothule izifundo zami zokugcina ngo-2023, nganquma ukuyoqeqeshelwa umkhakha wemfashini unyaka wonke eZarh Fashion Academy. Ngifike ngafunda okuningi ngale mboni, ngaze ngaba nenhlanhla yokuhlabana nge-Best Designer of The Year, emncintiswaneni owawenziwe khona esikoleni, lokho kwangikhuthaza ukuba ngiqhubeke kulo mkhakha," usho kanje.
Eqala iNelly J Designs, okuyigama elisuselwe egameni lakhe nasohlamvini lwesibongo sakhe, uNksz Jali wathenga umshini wakhe wokuqala wokuthunga owawubiza uR3 600, osuzale eminye emibili, futhi ibhizinisi lakhe lilokhu lidlondlobale njalo ngenxa yamakhasimende.
"Into engisiza kakhulu wukubeka eqhulwini into edingwa yikhasimende lami, bese kuthi uma sesenza umsebenzi wethu sizinike isikhathi esanele, futhi siyaqikelela ukuthi noma ngabe senza ingubo ejwayelekile, kodwa kuba khona egqize ngakho okuyenza igqame futhi yehluke kwezabanye osomabhizinisi esincintisana nabo endimeni," kusho uNksz Jali.
Eqhuba, uthe ubuhle bomsebenzi wabo sebudobe iso lamakhasimende asezindaweni ezahlukene okubalwa aseGauteng, eMpumalanga, e-Eastern Cape nasezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku neKZN yonkana.
"Sekukaningi impela sithola amakhasimende akude nathi, esiyaye sisebenze nawo ngokuthi umuntu sixhumane naye nge-video, bese ezikala yena lapho ekhona, thina sibhale phansi izinombolo sesisindo nobunjalo bomzimba wakhe, sithunge impahla yakhe, bese siyayithumela lapho ekhona."
Kungezwakala sengathi kulula konke, kanti akunjalo njengoba uNksz Jali edalule ukuthi nakuba umsebenzi uhamba kahle futhi ulokhu ukhule njalo, kodwa kuyenzeka kube nezinselelo eziphazamisa ukusebenza kwakhe njengokuthi uma umsebenzi usumningi kakhulu awube usaphela ngesikhathi nangokushesha njengoba okuningi kubheke yena.
Uthe okwamanje akakabi nabo abasebenzi abaqashwe ngokugcwele, okwenza ukuthi abuye asebenze ngaphansi kwengcindezi, uma amakhasimende akhe esedinga impahla yawo ngokushesha.
"Ngenye yezinto leyo engikhuthaza ukuqhubeka ngisebenze ngokuzikhandla nangokuzimisela ukuze ibhizinisi lami likhule kakhulu kuneliyikhona manje, kuze kufike lapho engikwazi ukuqasha khona abasebenzi abaningi ukuphuthumisa umsebenzi. Ngifuna nokuthi ngigcine ngicija abanye ngokubafundisa futhi bangene kwezemfashini," kusho uNksz Jali.