“ABANTU abaningi abakhonze ukubhala nokusabalalisa imicabango yabo ngokuyibhala phansi, bese beyishicilela ngezindlela ezehlukene, bavame ukwenza lokhu ngoba bethi bahambisa isikhathi ngenxa yokuswela ulwazi lokuthi bangazuza kanjani ngalokho.”
Lawa ngamazwi ombhali nomshicileli wezincwadi, uNksz Nompumelelo Gcaba, awasho engxoxweni neSolezwe ngokwenze wafikelwa wumcabango womcimbi wakhe awubiza ngokuthi yi-African Bloggers Summit, azobe eqala ukuwenza nonyaka ukusiza ababhali.
UNksz Gcaba wenkampani eshicilela izincwadi iMacher Group futhi onesizindalwazi lapho ebhala khona ngohlobo lokubhalwa okushicilela online phecelezi i-blogging, alubiza nge-I Read What I Like Blog, uzokwenza lo mcimbi ngoMgqibelo, ngoJuni 28, ngo-12 emini.
Nonyaka isiqubulo sithi Ink & Influence: Shaping Africa's Digital Narrative, okusho ukuthi babheke ukusiza nokucobela ngolwazi ababhali basezwenikazi i-Afrika, nokuthi bazobanikezela ngolwazi lokwenza ukuthi benze izinto ngendlela ehlukile kunabayijwayele.
"Lokhu ngikwenza ngoba njengoba nami ngikulo mkhakha we-blogging, ngibonile ukuthi ababhali abaningi abakuwona abazi ukuthi yenziwa kanjani imali ngakho, okwenza ukuthi abanye babo bagcine besala endleleni, baphelelwe wumdlandla wokuqhubeka. Kulokhu sizobacobelela ngolwazi lokuthi bangenza kanjani ukuthi imibhalo nemicabango yabo abakushicilela ngezindlela ezahlukene zobuchwepheshe besimanje, kungapheleli emoyeni kepha kube nendlela okubenzela imali ngayo njengoba sekwenzeka nakimi," usho kanje.
Uthe ukwenze ngamabomu ukuthi umcimbi wakhe uthanyelwe ngohlelo lobuchwepheshe besimanje, ukusiza ukuthi uvuleleke kuwo wonke umuntu ofisa ukuzothekela ulwazi, kungabi bikho muntu ozophuthelwa yileli thuba ngenxa yokuthi ukude nalapho yena ahlezi khona.
"Umcimbi uzobukwa yinoma wubani ofisayo ngokuthi angene ekhasini lethu laku-Facebook elithi I Read What I Like, okuyilapho ezothola khona ulwazi lwemiyalelo yokumele akwenze ukuze abe yingxenye yawo kalula nje kanjalo engakhokhanga mali," kusho uNksz Gcaba.
Kwizikhulumi ezizobe zicobelela ngolwazi ngababhali asebenamava anzulu okwenza inzuzo ngalolu hlobo lokubhala oWinnie Ebru waseKenya, Charity Byqrugamba wase-Uganda, Sarah Munyi noWilliam Aloo baseNigeria, Abgegnigan Yaovi waseBurkina Faso nomakadebona kwezobuntatheli wakuleli, uSebenzile Buthelezi.
"Silindele ababhali abawu-100 kuya phezulu ukuthamela lesi sigcawu solwazi, kanti akuzukuphelela kulokhu, njengoba kuzoba khona omunye umcimbi ofuze lona esiwubiza ngokuthi yi-Africa PodFest, esizowenza ngokubambisana nesikhungo sezemfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology ngo-Okthoba, nonyaka," usho kanje.
UNksz Gcaba udabuka eNdwedwe, wakhulela eMlaza, eningizimu yeTheku. Usebhale, washicilela ngokuzimela izincwadi eziwu-20 kubalwa kuzona ezithi: The Christmas Wish, Prisons Without Bars: Managing Covid-19 Anxiety, Scars: Marks of Survival, A Burnout Introvert, Change Your Mindset, Talitha Koum nethi Hidden Treasures of The Cross.