UNKSZ Zizipho Dzanibe, usezakhele udumo ngama-video akhe eshayela amaloli aseShoprite
Image: SITHUNYELWE
UKUBUSWA yinkolelo yokuthi umuntu wesifazane unamandla okwenza noma yini enhle azimisele ukuyenza, nokuthi ukuphulukundlela futhi afohle nalapho okubukeka kungelula ukungena khona, kwenza uNksz Zizipho Dzanibe akhuthaze abanye besifazane ukuba bangasabi ukungena emikhakheni eyaziwa ngokuthi ngeyabesilisa.
UNksz Dzanibe (25), waseMount Frere, kodwa osezinze eGqeberha, e-Eastern Cape, usebenzisa inkundla yokuxhumana i-TikTok, ukukhuthaza abanye besifazane ukulandela ezinyathelweni zakhe, ngokufaka ama-video amkhombisa esemsebenzini awenzayo wokushayela amaloli athutha impahla nokudla kwesitolo esidume ezweni lonke, uShoprite.
Engxoxweni neSolezwe, uthe uze ufika la ekhona manje, indaba yakhe yokuthanda ukushayela yaqala esemncane njengoba ekhule ethanda izimoto, futhi ehlale ehlupha omalume bakhe ukuthi bamfundise ukushayela.
Kwaze kwaba uthola amandla nendlela yokuzenzela izincwadi zokushayela, okuhambe kwaze kwamtholela isinkwa.
“Kuthe ngo-2018 sengenza u-matric kwangahamba kahle, ngase nginquma ukwenza izifundo ezimfishane zomkhakha wezokupheka nezokuvakasha ngoba ngikhonzile futhi ukupheka. Bengihlale ngibamba amatoho ezinkampanini ezahlukene nasezitolo, kwase kuthi ngo-2022 ngenza izincwadi zokushayela."
Uthe nyakenye ufake isicelo sokushayela amaloli aseShoprite.
"Akulunganga okokuqala, kwaphinde kwavela elinye ithuba ngase ngifaka futhi isicelo somsebenzi, bangithatha. Ngiyakhumbula nje ukuthi uhambo lwami lokuqala lwalusuka eGqeberha ngiyodiliva impahla eQueenstown. Kwaya ngokuya ngahambela nakwezinye izindawo,” kusho uNksz Dzanibe.
UNKSZ Zizipho Dzanibe, usezakhele udumo ngama-video akhe eshayela amaloli aseShoprite
Image: SITHUNYELWE
Uthe umsebenzi wakhe uyamhambisa kakhulu njengoba esephuma nakoKing Wiliams Town, Butterworth, George nakwezinye izindawo ezakhele i-Eastern Cape. Uma ehamba, wenza i-video eyongena elolini, aziqophe eshayela - bese efaka ekhasini lakhe leTikTok eselinabalandeli abawu-15 000 futhi eselibukwe amahlandla awu-99 000.
“Lokho ngikwenzela ukuthi ngikhuthaze abantu besifazane ukuthi bangasabi ukwenza imisebenzi efuze lona engiwenzayo, futhi ngenzela ukuthi babuyelwe yithemba lempilo engcono futhi bazimele, banganciki kumuntu ukuze baziphiise njengami,” usho kanje.
UNksz Dzanibe uthe ufisa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi abe nebhizinisi, anganciki emsebenzini kuphela, kanti nakuwona lo msebenzi usalambele amanye amathuba angaphezu kwalokhu akwenzayo manje.