INTOKAZI yase-Avoca, eThekwini, u-Akhona Ndlovu (25), ithi inesifiso sokuthi abesifazane kube yibo ababalwa phambili ezikhundleni ezahlukene kuleli.
U-Akhona nguye obhekelele umsebenzi othinta ukuthengwa kokudla, iziphuzo, ukuphathwa kwabasebenzi endaweni yokudlela i-Zai Restuarant eseGreyville, eThekwini.
Kule ndawo eneminyaka emibili kuphela, u-Akhona uthi ekamalume wakhe.
Kuyo uthi ungene ngenxa yokufuna ukubheka ibhizinisi lomndeni nokuyinto abakhule beyenza emndenini uma kuziwa emabandleni ayebhekwe umkhulu wabo.
“Ngesikhathi sivula le ndawo vele besingabantu abaziwayo eThekwini. Ekhaya sidume kakhulu ngenxa yesonto njengoba umkhulu ebengumfundisi odumile. Ngakho ngesikhathi ivulwa ngaba nenhlanhla yokunikwa lesi sikhundla engisiphethe ngenxa yokuthi ngiyakwazi ukuphatha abantu. Ngesikhathi nginikwa lo msebenzi kwaba lula ukuthi ngibambe izinto engangifundiswa zona, neminyaka yangivumela ukuthi ngisheshe ukubamba nomsebenzi ngiwenze ngokuzikhandla yize umsebenzi umningi kodwa ngikwenze ngokuzinikela ukukhulisa ibhizinisi lomndeni,” kuchaza u-Akhona.
Uthe yize ebhekelele umsebenzi kule ndawo kodwa naye usenyakeni wesibili njengoba enza iziqu zobumeli.
“Ngifuna ukuba yisibonelo kwabesifazane abasebencane kunami. Thina sikhula, bekukhona abesifazane abafana noBasetsana Khumalo nabanye abanamabhizinisi ebesifisa ukufana nabo ngelinye ilanga. Kodwa manje lokho akusekho futhi ngigxeka izinkundla zokuxhumana, njengoba laba besifazane kwakubhalwa ngabo emabhukwini sifise ukukhula sibe yibo. Ngifuna kubuye lokho entsheni yamanje. Ukwenza izinto ezimbili ezinkulu empilweni yami kule minyaka engikuyo ngifuna kusize omunye wesifazane,” kusho yena.
Uthe maduze nale ndawo kuzovulwa ezinye ezimbili abazozethula kungekudala emphakathini.
Okunye athe ujabule ngakho njengoba kuyinyanga yamagugu, ukuthi bazogxila ekusebenzisaneni nabakhiqizi bamawayini akuleli.