UKUBANDAKANYEKA engozini yemoto eminyakeni engaphezu kwengu-30 edlule, kwathikameza indlela ayephila ngayo, kwenza waphila ne-stoma, okuyisigubhu esixhunywe kuyena, asisebenzisela ukuchama nokuzikhulula, ngoba engasakwazi ukuzenzela khona ngokwakhe.
Lowo wuNksz Thobile Zondi, wenhlangano engenzi inzuzo i-Ostomate KZN, ebhekele ukukhuthaza abanye abanesimo esifana nesakhe ukuthi bangaphonsi ithawula. Lo mbono uwuqhube ngoba ebona ukuthi abantu abaningi abanale nkinga, bavame ukuzenyeza, kangangokuthi ababe besafuna nokuthi kwazeke emphakathini ukuthi banayo.
Lesi simo sidalwa yizinto ezahlukene, okungaba wukuthi umuntu alimale kabi esiswini, kuthinteke amathumbu nepayipi lendle, kanti futhi kuyenzeka uma uphethwe wumdlavuza oweyamene nalokho, kube nomonakalo owenza ungabe usakwazi ukuzikhulula ngokwakho.
Engxoxweni neSolezwe uNksz Zondi (48) waseThekwini, kodwa okhulele eNewcastle, uthe uhambo lwakhe lwalo mkhankaso lwaqala ngesikhathi eba sengozini yemoto ngo-1994, okwayishintsha unomphela impilo yakhe - kwenza nokuthi aqonde izinselelo zabanye abaphila nalesi simo naye aphila naso.
“Ngiqale ukuphumela obala ngalesi simo ngo-2016, ngesikhathi ngikhuthazwa womunye usisi owayesivakashele esibhedlela engangikusona ngaleso sikhathi, naye onalesi simo - wenza ngabona ukuthi akulona ihlazo ukuphila ngale ndlela. Lokhu kwenza ngabona kumqoka ukuthi kube khona engikwenzayo emphakathini ukufundisa abantu ngaso, ngaqala kanjalo kwaze kwaba ngiba nenhlangano nyakenye ekhuthaza abanye,” usho kanje.
Uthe yikho konke lokho okwenze wahlela umcimbi awubiza nge-Ostomy Charity Fun Walk, ozoba ngoJulayi 19 - lapho ezohlanganisa khona abantu abanalesi simo nabamesekayo embonweni wakhe.
Uhambo lusuka eShaka Marine World, luze luyofika eSuncoast Casino, eThekwini kusukela ngo-8 kuya ku-11 ekuseni.
“Lokhu ngikwenza ngoba ngiqonda ukuthi ziningi izinselelo ezibhekene nabantu abaphila nalesi simo kubalwa ukuthi ezinye zalezi zigubhu abazisebenzisayo ziyashesha ukugcwala kungakabi yisikhathi sokuthi zishintshwe. Lokhu kudala iphunga elibi nelingakazeleki, nanokuthi futhi zinjalo nje zimba eqolo - akulula neze ukuthi noma wubani azithengele ngokwakhe zona, okwenza ukuthi kube lula ukuzenyeza nokwesaba ukuphumela obala ebantwini, kangangokuthi abanye baze bazibulale ngoba behlulwa wukwamukela,” kusho uNksz Zondi.
Akugcini lapho njengoba futhi uNksz Zondi esebhale incwadi esihloko sithi, Behind The Stoma: A Story of Resilience and Survival, ezophuma maduze.
Ngale ncwadi uhlose ukuthi akhuthaze abantu abanale nkinga, enze bakholwe wukuthi impilo iyaqhubeka.
“Ngifisa nokuthola abantu abazongixhasa ukushumayela leli vangeli nakwezinye izindawo, ngoba inhloso yami enkulu wukuthi ngigcine ngihambele zonke izibhedlela ezikhona lana KwaZulu-Natal. Ngifuna ukusiza ngokwenza umehluko, futhi ngifuna nokuthi ngenze izinhlelo zokuthi kuhlonishwe odokotela abasinakekelayo ngoba umsebenzi wabo awulula neze,” kusho yena.