UTHEMBISA lukhulu owesifazane odabuka KwaMashu, uSolwazi Zethu Z Nkosi, osanda kuqokwa ukuba yi-Executive Dean yeCollege of Human Sciences e-University of South Africa (Unisa).
USolwazi Nkosi, owake waba ngumhlengikazi eKing Edward Hospital, Groote Schuur nasesikoleni sobuhlengikazi sase-United Arab Emirates, uthe ukugixabezwa kwakhe ngalesi sikhundla kusho lukhulu ngobuholi besifazane nakunoma wubani onothando lokweseka nokucija izitshudeni.
Uthe uzoqinisekisa ukuthi iphupho nombono anawo ngalesi sikhungo kuyafezeka ngokubambisana ne-Unisa App nezinhlelo aziqale esabambile kulesi sikhundla zizokwenziwa, ngenhloso yokubeka iCollege of Human Sciences ezingeni eliphezulu.
Eqhuba usolwazi uthe uzoqhamuka nohlelo lokusebenzisana kweminyango engaphansi kwe-Unisa, bese evuselela uhlelo lweBA Curriculum ukuze izitshudeni zingahlangabezani nezingqinamba.
Uthe abafundi abenza iHonours bahlale beshiywa ngaphandle, ngakho uhlelo lweHonours GYOT luzokwandiswa ngenhloso yokweseka abafundi.
"Abafundi abanokukhubazeka basekwa njengoba sesinophiko olubizwa ngeCHS Disability futhi oluzobe lubambisene ne-ARCSWID."
Uthe uzoqinisekisa ukuthi abasebenzi abangaphansi kwalesi sikhungo bazohlonyiswa ngolwazi lokusebenzisa ezobuchwepheshe.
USolwazi Nkosi uthe ukukhula KwaMashu akuwaphazamisanga amaphupho akhe.
"Ngabona ngisemncane ukuthi nginothando lwemfundo. Ngaguqula izingqinamba engangihlangabezana nazo, ngazenza amathuba.
Ngagxila kakhulu ekufundeni ngoba nomndeni wami wawungeseka." Uthe ubengayivumeli ingcindezi abeyifakelwa wontanga yakhe ukuba iphazamise amaphupho akhe.
"Ngibonga izingane zakithi ngoba kwesinye isikhathi zazingivumela ukuba ngigxile ezincwadini zami ngokungiphumuza emisebenzini yasekhaya.
Yize sengineziqu zobuhlengikazi, akungivimbanga ekufezeni iphupho lami lokuba neziqu zeMasters nePhD in Nursing." Uthe uyakholwa wukuthi iphupho likanoma ngubani lingafezeka uma engavumeli izihibe zime endleleni yakho futhi agxile kwafisa ukukufeza.
Usolwazi uthe usebenza ngokuzikhandla futhi akanqeni ukuthekela ulwazi kwabanye ongoti. Uthe nabanye bangawafeza amaphupho abo uma bengasebenza ngokubambisana nabanye abantu futhi bangabi umgaqo ovimbe esangweni.
"Ngizocija izifundiswa ezingabantu abasha ezikhombisa intshisekelo nekhono ekuphatheni lesi sikhungo, ukuze ngidlulisele kuzo izintambo uma isikhathi sami sesiphelile," kusho uSolwazi Nkosi owenza iziqu zeDiploma in Nursing and Midwifery eKing Edward V11 Hospital eThekwini, wenza ezeBA Cur neMaster's Degree nePhD e-University of Natal.
Ngo-2019 uhlabane ngomklomelo weWomen in Research Leadership Award.