UKUSHISEKELA ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuguqula isimo sempilo nenhlalo yomphakathi wezindawo zasemakhaya, sekuqalile ukuthela izithelo kuNomsa Mchunu oyisitshudeni esenza iziqu zobuchwepheshe i-Honours kwi-Information and Communications Technology ayenza eDurban University of Technology (DUT) nonyaka.
Lokhu kuza ngemva kokuthi uNomsa (20) waseMathafeni, KwaMaphumulo, nezithudeni eziwu-14, kuhlanganisa nozakwabo abathathu baseDUT, bezomela iNingizimu Afrika emhlanganweni wokucobelana ngolwazi namasu ezobuchwepheshe, i-Digital Tech Summit ezoba seCopenhagen, eDenmark, ngoNovemba 1 kuya ku-8.
Engxoxweni neSolezwe, uthe okwenze wathola le ngqayizivele yethuba wukuthi ufuna ukusebenzisa ubuchwepheshe ukubheka amasu nezindlela zokubusebenzisa ukulungisa izinselelo zokugqoza kwentuthuko nengqalasizinza emakhaya.
"Yingakho kuthe kuvela ithuba lokufaka isicelo sokuba yingxenye yalo mhlangano, ngagxuma ngahlala - kanti nami ngizoba nenhlanhla ngiqokwe ukuba sohlwini lwabaqokiwe. Konke lokhu kuhle futhi kusho lukhulu kimina, ikakhulu ngoba kuqondane nesikhathi lapho ngivele ngenza ucwaningo olubheka ngqo izinkinga ezibhekene nomphakathi wezindawo zasemakhaya, okudalwa wukunganikezelwa ngendlela efanele kwengqalasizinda. Ngithemba ukuthi ukuba kulolu hlelo kuzongisiza kakhulu ukuthola ulwazi oluzongilekelela ukuqhamuka namasu nezindlela zokwenza umehluko esikhathini esizayo," usho kanje.
UNomsa Mchunu udalule nokuthi okunye ahlose ukukuzuza kulolu hlelo nangezifundo zakhe wukusebenzisa ulwazi azolithola ukukhuthaza abanye abeza ngemuva kwakhe, ukuthi bakhuthale ukufundela imikhakha efuze lona.
Uthe unenkolelo yokuthi uma kunganda abagxila kuwona, mkhulu umehluko ongadalwa yilokho emphakathini nasezweni.
"Lokho ngikusho ngoba ngikuqonda ukuthi imikhakha yobuchwepheshe iyona eyinyama futhi enamathuba amaningi okuchuma kulesi sikhathi esiphila kusona manje. Kuhle ukuthi kwande abantu abamnyama nabesifazane abachuma ngayo njengoba sikhule sazi ukuthi yimikhakha yabantu besilisa nabebala elimhlophe kuphela. Manje sekuyisikhathi sokuthi nathi esisasilele ngemuva, sibhukule ukwenza izinto zibe ngcono kakhulu kubhekwe phambili," usho kanje.