UKUFUNA ukuqhakambisa izilimi ezahlukene nokwenza ukuthi umsebenzi wakhe wobuciko ufundwe futhi uqondwe ngabantu bezinhlanga ezahlukene kwenze umbhali nomshicileli wezincwadi ozimele wenza into engajwayelekile, ekhipha incwadi engezilimi eziwu-12.
UNksz Nthabiseng Jafta usanda kwethula le ncwadi yeqoqo lezinkondlo esihloko sithi Alora: She Dreamt Poems In Many Tongues, aqala ukuyibhala ngesiNgisi nangeSesotho, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi wazihlupha ngolunye ulwazi lwezinye izilimi, wengeza izihumusho zezilimi eziyishumi kuyona okuhlanganisa isiZulu, isiXhosa, KiSwahili, Arabic, Mandarin, Nepali, Russian, Spanish, Danish nesiGreek.
"Inhloso yami enkulu ngale ncwadi bekuwukufuna ukuqonda ulimi lwamaphupho ukuthi umuntu wenza kanjani ukuqonda izincazelo zawo, ngase ngisebenzisa ubuciko bezinkondlo ukuveza umqondo ocashile walokho - ngibe ngiveza nokuthi amaphupho esiwaphuphayo anamandla kangakanani ukuveza nokusaziza okuningi okusuke kusazokwenzeka, ngibe ngisebenzisa lezi zilimi ngokwehlukana kwazo encwadini yami," kusho uNksz Jafta.
Uthe okunye okumlekelele ukubhala le ncwadi wukuthi ingqikithi yayo ohambisana nocwaningo ayevele elwenza ezifundweni zakhe ze-Master's in Creative Writing, oluthi Dreams Caught: Understanding The Language of Dreams, aziphothule eRhodes University ngo-2022.
"Lolu cwaningo lwathatha iminyaka emibili ukulenza ngiluqede, kwase kwathi ukubhala incwadi nakho kwathatha eminye iminyaka emibili njengoba incwadi ize izophuma manje ngoba bekudingeka ukuthi ngihambele amanye amazwe engithekele kuwona ulwazi lwalezi zilimi, futhi ngaxhumana nabantu abaningi abangisize ukuhumushela kwezinye izilimi engizisebenzise kuyona, okuwumsebenzi obekungelula neze ukuwenza," usho kanje.
I-Alora isiyatholakala ezitolo ezahlukene ezidayisa izincwadi ezweni lonke ngoR350, kanti okunye okuhle ngayo wukuthi iyathengeka ibe yi-audio eyisiSotho nesiNgisi. Le ncwadi yelama eziwu-10 azikhipha eminyakeni edlule, neziwu-77 zabahali abehlukene abasize ukuzibhala nokuzishicilela, esebenzisa amava nolwazi lwakhe lokubhala nokushicilela.
UNksz Jafta udabuka eKo-Skgeleng, eMangaung, eBloemfontein, eFree State. Uthe uhlela ukuqhubeka akhiphe eminye imisebenzi yobuciko efuze lona, futhi uzoqhubeka asize amanye amaciko eza emva kwawo ukuchuma ngobuciko bawo obehlukene.