UKHULISWE ngabazali abebethwele kanzima besebenza ezindlini kusuka kubabekazi wakhe, kuya kugogo nonina (bobabili abangasekho emhlabeni) - okwenza wabuqonda bunjengoba bunjalo ubunzima nezinselelo ababhekana nazo.
Yilokho okwenza uDkt Thobeka Ntini-Makununika, wakhula efisa ukuthi kube khona akwenzayo ukumela ubulungiswa nokulingana abefisa kwenzeke kubasebenzi basezindlini abehlukene ezweni, okwenze wagcina enze ucwaningo lwezemfundo olugxile kulokho.
UDkt Ntini-Makununika ungesinye sezifundiswa ezisanda kuphothula izifundo eNyuvesi iKwaZulu-Natal, ethweswa iziqu zobudokotela ngocwaningo lwakhe i-Unravelling The Dynamics of Power in the Employer-Domestic Worker Relations in Contemporary South Africa, KwaZulu-Natal.
Belugxile ezinselelweni zabasebenzi basezindlini nokuthi yikuphi okungenzeka ukuze bahlonishwe njengabanye abasebenzi.
“Okwenze ngaba nentshisekelo yakho konke lokhu wukuthi ngikhuliswe ngabantu besifazane bendlu emnyama ababhekana nezinselelo zalo msebenzi ngoba nabo babenza wona. Ngike ngawenza lo msebenzi iminyaka eyisikhombisa kusukela ngisaneminyaka ewu-13, ngitohoza emizini yabelungu nakwezinye izindawo zokulala, lapho engazizwela khona ubunzima bokwenza lo msebenzi,” usho kanje.
Uthe ocwaningweni lwakhe ubebheka ngeso elibanzi indlela abasebenzi basezindlini abaphathwa ngayo ngabaqashi babo, nokuthi indlela ababephathwa ngayo eminyakeni eminingi edlule ngesikhathi sobandlululo kube nomthelela ongakanani kokwenzeka manje ezweni.
“Bengifuna ukuqhamuka nendlela entsha yokuchaza ukuthi umsebenzi wabo kumele ube njani, ngifake nomoya wokuthi kwenziwe izinto ngendlela ehlukile kokwenzeka manje ukuze bahlonipheke. Babukelwa phansi futhi bambalwa abakhathalela ukuthi baphatheka kanjani.”
Udalule nokuthi okunye akuthole enza lolu cwaningo, futhi kwamphatha kabi, wukuthi abanye abasebenzi basezindlini axoxe nabo ngezinselelo ababhekana nazo, bamtshela ukuthi bahlukunyezwa ngabaqashi abamnyama, okukubeka ngokusobala ukuthi le nkinga ayincikile ebaleni lomuntu kuphela, kepha idalwa nawumkhuba wokubukela phansi, nokucindezela abanye abantu ngoba nakhu wena usemandleni ngaleso sikhathi.
“Ezinye izindaba ebengixoxelwa zona zingihlukumeze kakhulu emoyeni, kubalwa nezinselelo zokuthi abanye abasebenzi basezindlini abakhokhelwa amaholo abo, abanye babo baxoshwa emsebenzini ngaphandle kwesizathu,” usho kanje.
Ucebise ngokuthi ukuqinisa umthetho kukodwa ngeke kwanele ukuxazulula lezi zinkinga ezibhekene nabasebenzi basezindlini, kepha kudingeka kushintshe indlela abantu abenza izinto ngayo, kubekwe eqhulwini ubuntu, ukuhloniphana nokubekezelelana.