Impilo Yabantu Intandokazi

Kuzobuyiswa ithemba lempilo engcono kwabazala besebancane

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Nompilo Mkhize, umhleli womcimbi i-Life After Teenage Pregnancy Seminar, ozoba seThekwini ngo-Agasti

Image: SITHUNYELWE

UKUKHULELISANA kwabantu abasha kuvame ukuba nomthelela ongemuhle empilweni yabo ikakhulu uma lokhu kwenziwe kungahleliwe ukuthi kuzobhekwana kanjani nezindleko zokukhulisa umntwana, okugcina kuholela nasekutheni abanye bakhohlwe ngamaphupho abo ngenxa yezinselelo eziza nokukhulisa umntwana ngawedwana uma sekuhlukenwe.

Wukuqaphela lokhu emphakathini okwenze uNksz Nompilo Mkhize, umnikazi wenhlangano engenzi nzuzo iMntwana Thanda Umntwana Wakho Foundation, wahlela umbuthano lapho kuzobhungwa khona ngalezi zinkinga, i-Life After Teenage Preganancy Seminar, ozoba se-Edward Hotel, eThekwini ngo-Agasti 9, ngo-9 ekuseni kuya ku-4 ntambama.

Exoxa neSolezwe ngalo mcimbi ozobe uqala ukwenzeka kulo nyaka, okuzongenwa ngoR500 kuwona, uNksz Mkhize (29) waseJolivet, kodwa osezinze eMlaza, eningizimu yeTheku, uthe enye yezinto ezimphushe ukwenza lo mcimbi wukuthi naye useke wabhekana nobunzima bokukhulelwa esemncane, nezinselelo ezilandela uma usukuleso simo.

“Lena yinkinga ebhekene nabantu emhlabeni jikelele ngakho sizobe sibhunga ngayo, futhi sikhiphe namasu okuthi umuntu onale nkinga wenzenjani ukuqhubeka nempilo yakhe njengoba mina nengxenye yezikhulumi zomcimbi sike saba nenkinga efanayo. Sakwazi ukuyinqoba, sangayivumela ukuthi yenze impilo yethu ime ndawonye,” usho kanje.

UNKSZ Thabile Buthelezi, esinye sezikhulumi ezizobe zikwi-Life After Teenage Pregancy, ezoba seThekwini ngo-Agasti

Image: SITHUNYELWE

Umcimbi, indikimba yawo ithi Presenting A Recovery Plan, okusho ukuthi kuzonikezelwa ngohlelo lokuvuka uzithathe.

Izikhulumi zosuku kuyoba wuNksz Snothando Nkosi oyi-content creator, usomabhizinisi uNksz Thabile Buthelezi, umeluleki wabanezinkinga ezifuze lena, uNkk Karabelo Nzuza noDkt Sanele Gumede, obhekele ukucebisa nokululeka abantu abasha ngezinto nezimo ezahlukene zempilo jikelele.

UDKT Sanele Gumede, esinye sezikhulumi ezizobe zikhona kwi-Life After Teenage Pregancy, ezoba seThekwini ngo-Agasti

Image: SITHUNYELWE

“Kulezi zikhulumi ngenze isiqiniseko sokuthi ngididiyela abantu abakuqonda ngokuphelele ubunjalo benkinga esizobe siyidinginda ngaleli langa, kanti ngaphezu kwalokhu sizoqhubeka futhi nalo mbono wethu nakwezinye izindawo. Inhloso yethu enkulu wukuthi sigcine sihambele zonke izifundazwe ukuzama ukulwa nale nkinga,” kusho uNksz Mkhize, edalalula nokuthi kulo mcimbi ulindele ukwamukela izihambeli eziwu-100.