UMBHALI, imbongi nomhleli wemicimbi uNksz Sindiswa Zulu, uthweswe iziqu zobuciko e-UKZN, eWestville, izolo
Image: Sithunyelwe
UKUPHOKOPHELA iminyaka engaphezu kwewu-10 elwela ukuqhubeka nemfundo yakhe ezingeni eliphakeme kugcine kuthela izithelo kumbhali, imbongi nomhleli wemicimbi uNksz Sindiswa Zulu, obuye aziwe ngelikaLady Afrika, ethweswa iziqu ze-Bachelor of Art, egxile ezifundweni zesiZulu nezokulingisa e-University of KwaZulu-Nata (UKZN)l, eWestville izolo.
UNksz Zulu (33), owazalelwa eLamontville, wakhulela eMbumbulu, ogwini oluseningizimu yeTheku, wafeyila u-matric wakhe eFutura High, eThekwini ngo-2009, okwaholela ekutheni enze imizamo yokuwulungisa ngonyaka olandelayo.
Lixoxa neSolezwe ngalokhu, leli ciko lithe ngenxa yothando elikhule linalo lokufunda, kwathi ngo-2010 laqala umshikashika wokulungisa izifundo zalo ezimbili elalizifeyilile, kepha nalapho futhi kwangalunga. Lathi ukuhlala mbijana lisakhokha umoya - okuthe ngo-2013 layofunda eCoastal TVET College, lenza izifundo ze-marketing ezilungele izitshudeni ezisuke zingenawo u-matric, kodwa ezinothando nentshisekelo yokuqhubeka nemfundo.
UMBHALI, imbongi nomhleli wemicimbi uNksz Sindiswa Zulu, uthweswe iziqu zobuciko e-UKZN, eWestville, izolo
Image: SITHUNYELWE
“Kuthe ngo-2015 ngaqhubeka nomshikashika wami wokulungisa u-matric ukuze ngibe nesitifiketi esizokwenza ukuthi ngamukelwe enyuvesi, ngaya ePhindangene Adult Centre, ngayolungisa okwakudinga ukulungiswa ukuze ngibe nesitifiketi esingivumela ukuqhubeka nemfundo yami emanyuvesi. Kuthe sengiqedile, futhi sekulungile - ngaba nenkinga yokuthi ngilokhu ngingemukelwa njalo uma ngifaka isicelo sokufunda emanyuvesi,” kusho yena.
Uthe ngenxa yokuthi bekumkhathaza ukuthi kungani ngisho u-matric wakhe usulungile kepha engathathwa ndawo, wazihlupha ngokuthola izizathu zalokho - waqala wagqigqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo, kodwa nalapho kulokhu kubhimba uhlelo.
“Bekuthi njalo uma ngilandelela inkinga yami, ngitshelwe ukuthi into eyenza ngingakwazi ukufunda wukuthi ngenkathi ngilungisa isitifiketi sami sika-matric, kwaqondana nokushintshwa kohlelo lwezemfundo, obekwenza singahambisani nohlelo lokufunda lwamanje. Kwafika lapho engitshelwa khona ukuthi isitifiketi sami sihambisana neziningi ezakhishwa ngaleso sikhathi ngokungemthetho nangomgunyathi, okwangilimaza kakhulu emoyeni ngoba kwaphoqa ukuthi ngiqhubeke ngilinde zisaphindiselwe emuva kuyobhekwa ukuthi akunagcobho yini kuzona. Lokhu kwenza ngaqala ukulahlekelwa yithemba. Ngikhumbula nokuthi ngase ngicabanga nokuzibulala ngenxa yobuhlungu engangibuzwa,” kusho uNksz Zulu.
Uthe ngenxa yokuthi wayengasazi ukuthi kumele enzenjani ukulungisa le nkinga, wanikela kuFacebook wafaka umbhalo, elandisa ngosizi lwakhe futhi ecela nokuthi uma kukhona abangamsiza ukungelela ukuyixazulula, bamthinte ukuze akwazi ukuqhubeka nemfundo.
“Ngiyakhumbula nokuthi udaba lwaze lwangenelelwa ngowayenguMphathiswa wezeMfundo ngaleso sikhathi uMnuz Kwazi Mshengu, kwaze kwafika lapho kuthathwa isitifiketi sami, sabuyiswa sesilungile. Ngaqhubeka ngafaka izicelo zokufunda emanyuvesi, nakhona sengiqala ukuphelelwa wumdlandla ngoba kwase kuyisikhathi eside kakhulu ngizama ukulungisa le nkinga, ingalungi. Kwaya ngokuya, kwagcina kulunga, ngaqala ukufunda e-UKZN sengineminyaka ewu-30 ngo-2022,” kusho uNksz Zulu.
Uthe nalapho kwakungelula ngoba uqale ukufunda enyuvesi esekhulile, futhi sekunezimo zempilo nezimo zasekhaya ezidinga yena ngoba esemdala, nakhu nangapha ebuye axinwe wumsebenzi wobuciko, obekuke kwenzeke umhambise kube kuyisikhathi sokufunda.
Uthe: “Nokuthi njengoba bengifunda nezitshudeni, oningi lazo liyizingane kakhulu kimina - bekwenzeka kube nokushayisana kwemibono nendlela esenza izinto ngayo. Bekudinga ukuthi mina ngoba ngimdala ngikwazi ukulungisa izimo ezinjalo njengomuntu omdala.”
Le ntokazi ivele iyaqhubeka manje nezifundo zayo ze-honours yalo mkhakha, okugxile esiZulwini nasekuqondiseni imidlalo, ngenhloso yokuthi ngokuhamba kwesikhathi igcine ifundisa sona isiZulu ezikhungweni zemfundo ephakeme.
UNksz Zulu uneminyaka engaphezu kuka-10 eyibambile endimeni yezobuciko. Unezincwadi ezimbili ezithi Mayine yango-2018 nethi Ngizibuka Kuwe ephume ngo-2023. Emicimbini aseke wayihlela noma wayisungula singabala iNomkhubulwane One Woman Poetry Show, EsikaNandi Poetry Show, Poets and Lovers Camp, The Past Meets The Future With Zawadi Yamungu nothi Ulucu Theatrical Poetry Show.