UNKSZ Sinikiwe Khumalo othweswe iziqu ze-Master's in Crop Science
Image: SITHUNYELWE
UKUTHWESWA iziqu ze-Master’s in Crop Science kukhulise ithemba lokuchuma ngezolimo kwintokazi yaseDelfkom, eMpumalanga, uNksz Sinikiwe Khumalo, esanda kuthweswa lezi ziqu yiNyuvesi KwaZulu-Natal (UKZN), ngocwaningo abelwenza ezifundweni zakhe.
UNksz Khumalo, ovele usenebhizinisi lezolimo abambisene kulona nezingane zakwabo, ubenza ucwaningo olubizwa nge-Rural-Urban Nexus: Establishing A Nutrient Loop To Improve City Region Food System Resilience.
Ubecwaninga ukuthi yikuphi okusengenziwa ngodoti olahlwa ngabantu, uqoqwe wumasipala - ukukhulisa izitshalo ezahlukene, okungasiza ukuchumisa abalimi futhi kufukule nemboni yezolimo.
Le ntokazi ithe lolu lwazi eluthole ezifundweni zayo, ibona luzoyisiza kakhulu yona nezingane zakwabo ebambisene nazo ebhizinisini oMnuz Mbongeni noMxolisi Khumalo, asebenzisana nawo ukulima umhlaba abasebenza kuwona ngakubo ongamahektha angu-3.4.
“Sinemibono eminingi emihle nehlukene ngesikufisa ngebhizinisi lethu kodwa sihlale siqinisekisa ukuthi akusiphazamisi embonweni owodwa esifisa ukuwufeza ngebhizinisi lethu. Okuningi kuzoba lula ukukwenza manje ngoba sengikwaze ukuphothula izifundo zami nalolu cwaningo, okunginothise ngolwazi oluzosichushisa kokuningi,” usho kanje.
UNKSZ Khumalo nezingane zakwabo abambisene nazo ebhizinisini, noMnuz Mbongiseni noMxolisi Khumalo
Image: SITHUNYELWE
Silandisa ngocwaningo lwaso, lesi sifundiswa ebesifunda ophikweni lwaseMgungundlovu, e-UKZN, sithe besicwaninga ngodoti nemfucuza okungamathani awu-15.6, obekuqoqwe wuMasipala waseMsunduzi lapho esizinze khona.
"Besibheka ukuthi yikuphi okusangenziwa ngawo ukuvundisa nokukhulisa izitshalo ezahlukene kwabalimayo."
Uthe kusukela esasemncane ubevele ezikhonzile ezolimo, njengoba sekufika kulesi sigaba asekusona manje.
Uthe ukuphothula i-master’s yakhe sekumkhuthaze ukuthi aqhubeke nezifundo zobudokotela kulo mkhakha, okuzobe kugxile ekutheni yikuphi okungenziwa ukugwema umonakalo noma umthelela omubi odalwa yizimboni ezitshalweni.
Related Topics: