'UKUSHONELWA wumyeni kuba wumuzwa onzima futhi owenza impilo ingabe isaba lula, ikakhulu uma ukade uthembele kuyena ninezingane zenu ngoba ziningi izinto ezivame ukusala zonakale futhi zihlukumeze abafelokazi uma bengenabani.'
Lawa ngamazwi kaNkk Tholakele Ngomane ongelinye lamalungu enhlangano engenzinzuzo yabafelokazi iSweet Sisters Widows, awasho elandisa ngokwenze bakhuza ibuya ihlandla lesibili ngomcimbi wabo i-International Widows Day Commemorations. Kulo mcimbi bahlanganisa khona abesifazane abangabafelokazi ukubhunga ngezinkinga nezinto ezibahluphayo.
Nonyaka lo mcimbi bazowenzela eCoastlands Hotel eMusgrave, eThekwini, ngoMgqibelo, ngoJuni 21, kusuka ngo-11 ekuseni. Uzokwenziwa sekusele izinsuku ezimbili ngaphambi kokugujwa nokuhlonipha abafelokazi emhlabeni i-International Widows Day, eba ngoJuni 23.
UNkk Ngomane uthe beqala le nhlangano nyakenye bebewu-30, kanti nonyaka babheke ukuthi emcimbini wabo babe wu-100 nangaphezulu omama abazoba khona. Udalule ukuthi kuzongenwa ngo- R300 ozosebenza ezindlekweni zokudla abazokudla, bebe betshisa izimfundiso zezikhulumi zosuku okungoNkk Freda Hlongwa, uNkk Ntombenhle Lukele noNkk Zandile Gumede.
“Konke lokhu sikwenza ngoba siqonda ukuthi ziningi kangakanani izinselelo ezibhekana nabafelokazi uma bengasenabo abayeni, ikakhulu ngoba abaningi babo basuke bebheke bona ukuthi baphile nokukhulisa izingane zabo. Sizohlanganyela ukubhunga ngakho konke lokhu, nokuthi silulekane futhi sicebisane ngokumele sikwenze ukuqhubeka nempilo,” kubeka uNkk Ngomane.
Indikimba yomcimbi bayicaphune ebhayibhelini encwadini kaJeremiya, isahluko sesi-49, evesini lesi-11 elithi “Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”
“Sizokhuthazana ukuthi ubunzima bempilo esisala siyiphila kungasidikibalisi ukuthi siqhubeke, nanokuthi sifuna ukusebenzisa lo mcimbi ukukhombisa izinhlaka ezahlukene, ikakhulu ezohulumeni ukuthi zibone futhi zizwe izikhalo zezinto esishoda ngazo. Abanye bethu banamakhono emisebenzi yezandla abangakwazi ukuchuma kahle ngawo ngenxa yokuthi abanawo amandla okuzichumisa ngokwabo,” usho kanje.
Uthe enhlanganweni yabo bahlangana kane ngonyaka; ngoMashi, uJuni, uSepthemba nasekupheleni konyaka, ukujabula nokukhuthazana ezintweni ezinhle abazenzayo.
Uveze ukuthi bane-group yaWhatsApp lapho bexhumana khona nsuku zonke.