UMBHALI wezincwadi futhi onguthisha, uNksz Ntombenhle Dlamini, ubhale incwadi yakhe yesine
Image: SITHUNYELWE
'NJENGOBA ngiwuthisha ngiyibona nsuku zonke inkinga yezingane ezingenawo umdlandla wokufunda izincwadi, yingakho ngihlale ngisebenzela ukwenza okuthile ukuzama ukuqeda leso sihlava esibi emphakathini, ukuze kubuye isiko lokufunda nokubhala ebantwini abasha.'
Usho njalo uNksz Ntombenhle Dlamini, elandisa ngencwadi yakhe entsha yeqoqo lezindaba ezimfishane esihloko sithi Kwathiwa Yidliso, ezoqala ukutholakala ngoDisemba 22. Uyichaze ngokuthi ingenye yezindlela zakhe zokuqhuba umbono wokuhlenga ulwimi lwesiZulu.
UNksz Dlamini waseMhlabashane, eHighflats, kodwa osezinze eManzimtoti ngokusebenza, uthe uqale ukubhala le ncwadi ngoMashi nonyaka, waze waqeda ngoJulayi, kwase kuqala uhlelo lokuyihluza kusuka ngo-Agasti kuze kube yimanje.
UMBHALI wezincwadi futhi owuthisha uNksz Ntombenhle Dlamini, ubhale incwadi yakhe yesine
Image: SITHUNYELWE
“Ididiyele izindaba ezimfishane eziwu-20 ezinemiyalezo ehlukene futhi ezixwayisa kakhulu ngezinto abantu abayaye bazenze bengaboni ukuthi zingabafaka enkingeni. Futhi iveza nokuthi ukungalaleli nokukholwa ngokubona kuba nomvuzo omubi nobuhlungu kangakanani. Zikhona nezihluba udlubu ekhasini ngezenkolo nokunye okunjalo,” kusho uNksz Dlamini.
Eqhuba, uthe le ncwadi izobiza u-R200 kuyena uqobo, kanti usebenze kuyona nomunye wababhali bezincwadi uSizwe Ngidi, omlekelele ngokuyihluza ukuze iphumele ebantwini isisezingeni elifanele.
“Kule ncwadi kukhona nendaba ezofundisa abantu ngobumqoka bokuzihlupha ngolwazi lwezempilo, bese ibaxwayisa ngengozi yokuzidela nokubambalela kokukodwa abakholwa wukuthi yikhona okusiza ekuguquleni okuthile ngoba ngenye yezinto egcina yenza ukuthi umuntu adlule emhlabeni kungafanele ngoba engasukumanga kusenesikhathi,” usho kanje.
INGAPHANDLE lencwadi kaNksz Ntombenhle Dlamini, esihloko sithi Kwathiwa Yidliso
Image: SITHUNYELWE
UNksz Dlamini onamava eminyaka ewu-15 ewuthisha, udalule nokuthi ngale kokuthanda ukuhlenga ulwimi isiZulu nokuqhutshwa wuthando lokubhala nokufunda kepha ufisa nokuthi adlondlobale aze afike esigabeni sokubhala imidlalo ezokhonjiswa kwithelevishini.
Le ncwadi yakhe ingeyesine njengoba eminyakeni edlule ebhale wakhipha izincwadi ezintathu okungethi Zinoju Zulu yezinkondlo yango-2021, kube ngeyezindaba ezimfishane ethi Kujiyile KwaMhlaba yango-2023, nenoveli yanyakenye ethi Akabange Esambona.
Ngalezi zincwadi usewole imiklomelo eyahlukene okubalwa kuyona ukuphuma phambili kwi-UJ Main Prize for Creative Writing in isiZulu ngo-2022, kube yindondo yeBest Author kwiZizamele Mbokodo Awards nyakenye, indawo yesithathu emncintiswaneni wezinkondlo othi Usiba Writers Guild, kwase futhi kuqokwa incwadi yakhe yezinkondlo ngaboMnyango wezeMfundo eGauteng, ukuthi ifundwe ezikoleni ezahlukene zakhona.
UMBHALI wezincwadi futhi owuthisha uNksz Ntombenhle Dlamini, ubhale incwadi yakhe yesine
Image: SITHUNYELWE