Having multiple sex partners increases the risk of contracting sexually transmitted diseases.
Umbuzo
Ngingowesifazane osekhulile. Ngishadile kodwa umyeni wami akasakwazi ukunganelisa kahle ocansini kanti mina ngisahashuka.
Muva nje senginomkhuba wokuthenga abafana abancane engibathola ezinkundleni zokuxhumana. Lento isize yangijova ngoba akusavumi ngiyiyeke kanti ngiyasaba ukuthi uma ngase kwenzeke umyeni wami angibambe, kungaphela ngomshado wami. Ngiyamthanda kodwa manje angikwazi ukubekezelela indlala yocansi. Ngicela ukubuza ngabe ngiyona yini uma ngithola umfana ozongisiza, oyedwa ukuze ngihlukane nalento yokulokhu ngiyothenga ngoba ingimoshela imali?
Impendulo
Yize ngingazi ukuthi yini edala ukuthi umyeni wakho angabe esakwazi ukukujabulisa elawini ngoba ngikholwa ukuthi owesilisa uyaphuza ukuyeka ukuhashukela ucansi kunowesifazane, kodwa-ke angiboni kuyinto elungile ukuthi uthenge ngoba kuzogcina kungasavumi ukuthi uyeke.
Nakhona futhi ukuthi uthole umfana ozokujabulisa angikuvumi ngoba lokho ukungathembeki kumyeni wakho nokungagcina ngokuthi umbuyele nezifo. Ngicela uhlale phansi nomyeni wakho uxoxe naye mayelana nale nkinga, mhlawumbe into edala ukuthi angabe esakwazi ukukujabulisa into encane esangalungiseka. Mhlawumbe nje into edinga odokotela. Ngakho-ke ngicela ungamyekeleli umyeni wakho kodwa mkhathalele ukuze niqhubeke nijabule ngaphandle kokubeka impilo nomshado wenu engcupheni. Ayikho into eyihlazo nokumele ifihlwe uma nithandana. Ngakho-ke uwena ozokwazi ukusiza umyeni wakho kule nkinga abhekene nayo ngokuthi umlekelele. Okunokuthenga abafana, okwamanje ungazama ukuzijabulisa wena uqobo noma uthenge amathoyizi ocansi.