UKUDLA izitshalo kungasiza ekwehliseni ukugula kakhulu ngo-73% uma uhlaselwe yiCovid-19.
Lokhu kuvezwe wucwaningo lwakamuva olushicilelwe emqingweni wezempilo i-British Medical Journal on Nutrition, Prevention and Health.
Lolu cwaningo lwenziwe ebasebenzini bezempilo abangu-2 884 basemazweni ayisithupha okuyiFrance, Germany, Italy, Spain, United Kingdom ne-United States of America.
Laba basebenzi bebelandela izinhlelo zokudla ezintathu ezilandelayo;
– Kukhona akade bedla izitshalo ezinomsoco okukhona kuzo i-broccoli, amajikijolo, amapheya, u-turnip, i-celery, izaqathi , i-spinach nezinye.
– Abanye belandela uhlelo olwaziwa nge-low carbohydrate diet, okusho ukuthi bebedla ukudla okusanhlamvu, izithelo, isinkwa, i-pasta, imifino kwesinye isikhathi, izimhlamvu zezithelo.
– Kunabalandela uhlelo olwaziwa nge-high protein diet, okusho ukuthi bebezitika ngenyama, inhlanzi, imikhiqizo yobisi, imifino nokunye okunama-protein.
Ocwaningweni, kuqokwe abasebenzi bezempilo ngoba kuyaziwa ukuthi basengcupheni yokuthi bathole iCorona.
Lolu cwaningo belubheka ukuthi ngabe kukhona yini ukudla okuthile okungakusiza ekutheni uma uhlaselwa yiCovid-19 ungaguli kakhulu? Lokhu bekwenziwa ngokubheka ukuthi kulezi zinhlelo ezintathu zokudla, ngobani abangagulanga kakhulu uma behlaselwa yiCovid-19?
Kutholakale ukuthi abasebenzi bezempilo ebebelandela uhlelo lokudla olugxile ekudleni izitshalo eziningi, izinga lokuthi bagule kakhulu lehle ngo-73% uma beqhathaniswa nabebelandela i-low carbohydrate diet ne-high protein diet, okuthe uma bengenwa yileli gciwane bagula ngezinga eliphakathi nendawo abanye bagula kakhulu, kwathi laba abadla izitshalo bangabonakalisa izimpawu yize leli gciwane bebenalo.
Akuveli ukuthi ngabe uma ulandela uhlelo lokudla izitshalo kuphela siyehla yini isikhathi sokuthi leli gciwane lelapheke.
Ungoti wokudla, uNkk Michelle Zietsmansaid, ephawula ngocwaningo uthe: “Ucwaningo luveza into ebesivele siyilindele ngoba siyazi ukuthi imifino nezithelo kuyimpilo, uma ukudla ngendlela namasosha omzimba ayaqina okwenza ukuthi kungabi lula ukuthi ungenwe yizifo.”
USolwazi Andrew Robinson, waseNyuvesi yaseNorth West, ophikweni lwezempilo, obuye abe ngumsunguli wePhysicians Association for Nutrition South Africa, uthe ukudla ukudla okuyizitshalo kubaluleke kakhulu ekulweni nezifo.
“Lolu cwaningo lusikhombisa ukuthi uma sifuna ukulwa nezifo kumele sishintshe indlela esidla ngayo, okusho ukuthi kumele ezolimo zigxile kakhulu ezitshalweni ngoba izitshalo kubonakala kuyizo ezingasisiza ekulweni nezifo," kusho uSolwazi Robinson.