MINYAKA yonke kuba nezinsuku ngezinyanga ezithile okuhlale kubungazwa ngazo futhi kugujwa iqhaza nezinto ezinhle ezenziwa ngabantu abathile ngokwehlukana kwezigaba zabo ukubakhuthaza ukuqhubeka nokuhle abakwenzayo, kokunye kube wukujabulela ubuhle bezinto abazenzayo noma abazenzile okusuke kusize ngandlelathize emphakathini.
Olunye lwalezo zinsuku oluhlale lugujwa minyaka yonke emhlabeni jikelele yiMother's Day, onhloso yalo wukubungaza nokuqhakambisa iqhaza elibanjwa ngabantu besifazane abangoMama ukukhulisa izingane, ukuphatha nokuqinisa imindeni, nokunye okuhle abakwenzayo nje ukuqoqa isizwe nokukhazimula futhi bazizise konke lapho bekhona.
Nonyaka lolu suku luzogujwa kusasa, lapho okuzobe kuvunguza khona umoya wokuhlonipha, ukutusa nokuqhakambisa imisebenzi eyenziwa yimbokodo emphakathini ukukhombisa ukuthi ibaluleke kangakanani, nokuthi kugqamiseke ubuhle bayo ebantwini.
Nokho umbuzo omkhulu uthi ngabe kwenziwa okwanele nokufanele yini ukuqhakambisa iqhaza lomama empilweni yabantu nasemphakathini jikelele, nokuthi ngabe indlela okwenziwa lokho ngayo iyayigculisa yini inzalabantu - mhlawmbe nokuthi uma kusashoda, yikuphi okunye okungase kwenziwe ukwenza kube ngcono kunokuyikhona okwamanje?
UNksz Nompilo Mkhize (29) waseJolvet, eningizimu yeKwaZulu-Natal, umnikazi wenhlangano engenzinzuzo iMntwana Thanda Umntwana Wakho Foundation, uthe nakuba ewumama osemncane ngeminyaka kodwa uhlale ebungaza abantu besifazane ababambe iqhaza ukumkhulisa ngoba unenkolelo yokuthi ulapho ekhona ngenxa yesandla sabo.
"Ngakho ngicabanga ukuthi kumqoka ukuqhubeka sijabulise labo bantu besifazane ababambe iqhaza elinjalo kithina ukubajabulela ngesingakwazi ukubajabulela ngakho, engicabanga ukuthi kudingeka siqhubeke nemizamo yokuliqhakambisa emphakathini ukuze kuvele ngokuphelele ubunjalo beqhaza elibanjwa yimbokodo emphakathini," usho kanje.
Eqhuba, uNksz Mkhize uphonsele ontanga yakhe inselelo yokuqinisa ekwenzeni izinto ezinhle komama ngalesi sikhathi, ekhala ngokuthi ngokuqaphela kwakhe - yibona abasalele emuva ngokungenzi okwanele nokufanele ukuhlonipha imbokodo ezweni.
"Nokuthi okunye okufanele sikufake ebantwini wukugqugquzela ukuthi kungagcini ngokubungazwa omama bethu kuphela, kepha senze kube wumkhuba wethu ukuthi ekugubheni kwethu lolu suku, singashiyi ngaphandle abanye besifazane ababambe iqhaza ukumisa imindeni nokukhulisa izingane zakwabo ngoba bengasenabazali, okusasiza ukwenza ukuthi bakhuthale ukuqhubeka benze okuhle abakwenzayo," kusho yena.
UNkk Thembsie Mchunu (70) waseShowe, enyakatho yaKwaZulu-Natal, yena uthe into eyaye ibe yinkinga ngalesi sikhathi wukuthi izingane ezingasenabo abazali ziyaye zihlale obala, ikakhulu ezikoleni ngoba kuyaye kube nezinhlelo ezenziwayo ezigqamisa nezenza kubonakale ukuthi abanye abantwana abasenabo abazali njengabanye.
"Kanjalo nabazali nje abangasenazo izingane kuba wumuzwa obuhlungu kubona uma sekuqhuma phezulu imibhiyozo nemicimbi eqhakambisa ubuhle beqhaza lomama ebantwaneni, engicabanga ukuthi siyadinga ukuqhamuka nezinhlelo ezizozisa ukuthi labo bantu abanjalo bangasaleli ngaphandle futhi bangazizwa sengathi ababalulekile uma sekugujwa lolu suku. Kufanele senze ngendlela ezokwenza ukuthi wonke umuntu azizwe ebalulekile ukuze injongo yosuku ingadungeki kube kungafanele," kusho uNkk Mchunu.
Eqhuba, ugqugquzele ukuthi kwabazokwenza izinhlelo zokujabulisa omama babo ngalesi sikhathi bangakushiyi ngaphandle ukubajabulisa ngokubayisa ezindaweni zokubhucwabhucwaa, kanjalo nokubathengela izipho zezinto ezahlukene abazithandayo, ngokwehlukana kwabo.
"Nathi singomama ngiphonsa inselelo yokuthi sisebenzise lolu suku ukuhlangana, bese sikhulekela zonke izinto ezingalungile nezonakele esizibonayo zenzeka ezweni lethu nasemphakathini nje jikelele.
"Nokuthi-ke ngiyagqugquzela ukuthi abesilisa bakubeke eqhulwini ukuvikela nokunakekela bonke abantu besifazane, kunciphe futhi kuphele izenzo nezigameko zokubahlukumeza - futhi kungapheleli kulolu suku kuphela, kepha kube wumkhuba wansuku zonke," usho kanje.
I-Mother's Day wusuku olugujwa futhi lubungazwe emhlabeni wonke jikelele ngaboMashi nangoMeyi; kuhluke ngokwamazwe namazwe alugubhayo. Lwaqala ukugujwa ngo-1907 ngenkathi u-Anna Jarvis enze inkonzo yalo e-Andrews Methodist Episcopal Church, eWest Virginia, e-USA. Lokhu waqala ukukwenza ngo-1905, ngomkhankaso wakhe wokuthi lolu suku lube yiholidi, enzela ukukhumbula ngalo unina u-Ann Reeves Jarvis, owashona ngalowo nyaka. Kusukela lapho kuze kuzoba yimanje lolu suku lugujwa umhlaba wonke.