Impilo Yabantu

I-Lythwood Lodge isehontshi futhi ifanele izithandani

Kiki Ntuli|Published

BEZIBUYA kwiHarvest & Gin Festival ebiseMandela Capture Site, eHowick lapho uphiko lwezokuvakasha KwaZulu-Natal belugqugquzela khona izihambeli zale festiveli ngokuvakashela imaphakathi nesifundazwe kanjalo nesifundazwe sonkana

UMA ungena elokishini elincane iLidgetton, eliseHowick, kuyagqama ukuthi lakheke ngenxa yokuhlala kwabantu abasebenza emapulazini akhele le ndawo.

Yilokishi eliseduze nedolobhana nalo elibizwa ngeLidgetton, elingadlisi ngezinto ezitheni futhi azikho nezindawo ezihlabahlosile zokungcebeleka.

Uma unqamula elokishini akukho okudonsa amehlo ngaphandle kokubizwa yibhodi elikukhomba eLythwood Lodge.

Yikhona lapho besiphokophele khona siyithimba elididiyele izinhlaka ezehlukene emkhakheni wezokuvakasha nabezindaba.

Uma uqeda ukunqamula elokishini, uchezukela emgwaqweni owubhuqu okudonsela kule ndawo yokuvakasha enezinkanyezi ezintathu, ngokwezinga lasemkhakheni wezokuvakasha.

INDAWO yokuphumula esegumbini onganetheza kamnandi kuyo novakashe nabo

Uma ungena ubona imicibisholo ekukhombisa lapho kumele uye khona. Kunezindawo ezehlukene okubalwa eyokuhlala izivakashi, eyokudlela, eyokubamba imihlangano nezingqungquthela kanjalo neyokwenza umcimbi noma imishado.

Silandela umcibisholo osiyisa lapho kwamukelwa khona izivakashi nokuyilapho sifika senze yonke imicikilisho, bese sithola izikhiye zamagumbi ethu.

Samukelwa ngezandla ezifudumele kule ndawo kanti kufudumele ngaphakathi njengoba ekhoneni kubaswe umlilo obulala ishweza eliqhamuka ngaphandle, kwazise kunezintaba.

IVULEKE kamnandi indlu yokugezela nokuzikhulula enakho kokubili ubhavu nesisefo

Ngingene egumbini lami kwathi cosololo uma ngilibona. Ngichazwa wukuthi le ndawo ayikawulandeli umkhuba ongemuhle owenziwa ngezinye izindawo ezingamalodge wokwenza amagumbi kube sengathi ngawasehhotela.

Kuleli gumbi kukhona indawo yokuphumula enosofa, itafula, ikhabethe ne-tv okukunika umuzwa wokuthi uzizwe usekhaya, unethezeke. Hhayi njengasehhotela lapho kuvame ukuthi yonke into ibe segumbini elilodwa. Uma uvula umnyango wegumbi lokuphumula uphumela kuveranda opholile onetafula nezihlalo ubuke ingadi, kuyo kunebhaka eligeleza kamnandi amanzi enza umsindo owenza sengathi usemfuleni.

IGUMBI lokulala okuthi uma ubuka ngaphandle kwalo ukhangwe yingadi enhle nezintaba

Kushaye isikhathi sesidlo sasebesuku sanikela endaweni yokudlela ebifudumele kamnandi ngoba bekubaswe umlilo. Ematafuleni bese sibekelwe uhlu lokudla esingakhetha kulo izibiliboco ezisezingeni lomhlaba, ezilungiswe yinkakha yompheki wakule ndawo uVusi Mkhwanazi. Sishaye esentwala silokhu sincoma ukudla okwehla esiphundu.

Engikuqaphelile wukuthi abasebenzi bakhona banomoya omnandi, kulula ukuxoxa nabo nokucela usizo kubo futhi bayakwazi ukuthatha izinqumo ngokufunda isimo sangaleso sikhathi.

KWEHLA esiphundu ukudla okudidiyelwa ngumpheki uVusi Mkhwanazi endaweni yokudlela eseLythwood Lodge

Kuthe sesiqedile ukudla, saya endaweni yokuphumula izivakashi evuleke kamnandi enetafula no-sofa, selula izinyawo khona sidlala imidlalo yokuchitha isizungu njengama-board game.

Uweta uKwazi, obesisiza ubelokhu ebuya ukuzobheka ukuthi akukho yini esishoda ngakho.

Le ndawo isehontshi elimnandi, izithandani zingayithokozela kakhulu. Ikahle nakwizimenywa ezisuke zize emshadweni okule ndawo.

Ukuhlala izinsuku ezimbili kule ndawo nibabili kubiza kusuka kuR965 kuya kuR3 150, izingane ezingaphansi kweminyaka eyisithupha azikhokhi kuthi ezineyisikhombisa kuya ku-12 zikhokha uhhafu. Ziba khona izipesheli, kwamanje kunesipesheli sePhasika. Imininingwane: inombolo - 033 234 4666, i-email - [email protected] noma [email protected].

IZINTO EZINHLANU EDLISA NGAZO:

Inendawo ekhethekile yokushadela futhi muva nje, isiyimfivilithi kwabashadayo.

Ingadi yakhona icwebile namabhaka akuyo engeza umuzwa onokuthula.

Inendawo yokubambela imihlangano nezingqungquthela.

Indawo yokucima ukoma enezinhlobonhlobo zeziphuzo.

Iyazoyiza i-cocktail edidiyelwa nguKwazi oveze ukuthi akekho oyishaya njengaye.

Amagumbi ahlanzwa kabili ngosuku, ekuseni nantambama.