SEKUBALWA izinsuku kufike usuku lwendumezulu yemititilizo, iBlack Friday, ezitolo zaseNingizimu Afrika nokuwusuku izakhamuzi zakuleli ezihlala zilubheke ngabomvu.
Ukuhlasela kobhubhane iCovid-19 nezibhelu zikaJulayi, zokutatshwa kwezitolo, kusho ushintsho olukhulu entengweni yezimpahla ezitolo nasemaphaketheni ezakhamuzi kulo nyaka. Ongoti bezezimali bagqugquzela izakhamuzi ukuthi ziqikilele kakhulu ngalolu usuku ikakhulu uma zithenga ngamakhadi asebhange, awokukweleta namanye.
Ungoti wezezimali, uMnuz Sebastien Alexanderson, oyisikhulu esiphezulu kwiNational Debt Advisors, uthi lolu suku luhambisana nezipesheli eziheha abathengi ndlela zonke. Ukusebenzisa amakhadi okukweleta ezitolo kuyinto ebukeka ilula kakhulu emakhasimendeni kanti ihambisana nobungozi nesikweletu esingaphezulu kwemali obungayithenga ngayo ngokheshi.
"Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zivovekile emuva kweminyaka ilandelana kuhlasele ubhubhane nemiphumela yakhona engemihle. Kuyaziwa ukuthi wonke umuntu unesifiso sokuthenga ngalesi sikhathi bazijabulise nabantu ababathandayo. Inkinga iqala uma abantu sebesebenzisa amakhadi okukweleta, bezifaka ezindlekweni ezinkulu abangachazelekile kahle ngazo ngemigomo nemibandela yakhona," kusho u-Alexanderson.
Ngaphandle nje kwamakhadi okukweleta, kuyavela ukuthi kukhona nabantu abakhetha ukuthatha imali komashonisa nasemabhange ukuze bezokhithiza ngalolu suku. Lokhu ongoti bayakuhlaba ngoba kwandisa izindleko nezikweletu ezingapheli ngaphansi kwegama lomuntu neligcina lingcola uma esehluleka ukukhokhela izikweletu. "Abanye abantu baboleka imali yokukhokhela izikweletu abazenza ngalesi sikhathi ngenhloso yokonga. Empeleni akukho ukonga, kunalokho ugcina usukhokha ngokuphindiwe," kusho u-Alexanderson.
Amathiphu angakusiza uma uthenga ngeBlack Friday
-Hlela ngayizolo uhla lwezinto ezibalulekile odinga ukuzithenga ngalolu suku, ugcine ngazo futhi ungadluli emalini obunqume ukuthenga ngayo.
-Phinda ubheke izinto ofuna ukuzithenga zibe yizipho, nakhona ube nemali ozinqumele ukuthenga ngayo noma ngabe incane kangakanani. Izihlobo nabangani bayasibona isimo sezimali ngenxa yobhubhane olushaye kwezwela.
-Zama ukuthenga izinto ezibalulekile nokuhlala kudingeka ekhaya njengesipesheli sensipho, ukudla, okokuhlanza indlu, imishanguzo nokunye nakhona, kungeqi isikalo semali onayo.
-Uma kukhona ozothasisela ngakho, akube ngokubalulekile futhi kunesidingo ekhaya. Zama ukusebenzisa ushintshi osale emalini obuyinqumile, ungagcini usuthatha kweseceleni.
-Ugade ungagcini sewuthatheka ngokubona izipesheli, ufune ukuthenga isibalo esingaphezulu ngobuzibekele sona ngalolu suku.
-Ungalenzi iphutha lokuthenga uzuphendulele amaphakethe ngaphandle, ugcine ususebenzisa amakhadi okukweleta ezitolo. Ungalokothi uphathe amakhadi okukweleta ngalolu suku ngoba uzolingeka.
-Ukwehlisa umthwalo nokugwema ukuba nezindleko ezingaphezulu kwemali oyibekile, bheka ukuthi azikho yini online izinto ozidingayo.
-Ungakhohlwa ukuphatha amakhadi emiklomelo yasezitolo yamaphoyinti uma usuyothenga ukuze uzokwazi ukonga kwezinye izinto ugcine usuzithenga mahhala.
– Ungakhohlwa wukubhekisisa ukuthi into oyithengayo isesipeshelini ngempela yini. Ezitolo bayabenza ubugebengu bokugqamisa intengo yento ethile baze bayibhale ngamagama amakhulu kube sengathi intengo yehlile kanti akunjalo.
– Kubhekisise okuthengwa ngakuningi. Kuyenzeka izitolo zokudla zisho okungeyikho, zenze sengathi ngokuthenga izinto ezihamba ngantathu kuya phezulu kukhona ozokonga kanti kudlalwa ngawe. Zibalele wena impahla ukuthi ibiza malini ngayinye.