Usuku lwezithandani lugujwa umhlaba wonke ngabantu abathandanayo kusukela emndenini kuya kulabo abanobudlelwano bothando ngokuthumela amakhadi, izimbali, oshokoledi nemilayezo yothando.
Kunemibono ehlukene ngokuthi lolu suku lwaqala kanjani? Omunye wale mibono uthi lwaqala ngesikhathi uNdunankulu waseRome, * -Emperor Claudius II, enqabela amadoda ukuthi ashade ngoba wayethi kuzokwenza amasosha akhe abe ntekenteke.
Kuthiwa kwakukhona uFata Valentine wamaRoma owayeshadisa izithandani isinyelele.
Kuthe uma uClaudius eyithola le ndaba wavalela ejele uValentine, wanquma ukumbulala.
Ngesikhathi esejele wathanda indodakazi yomuntu owayembophile wagcina eseyibhalela incwadi eyafundwa yisithandwa sakhe ngoFebhuwari 14 okuwusuku abulawa ngalo uValentine.
Le ncwadi yabhalwa ukuthi ivela kwiValentine yalona wesifazane.
Usuku lokuqala lweValentine lwagujwa ngonyaka ka-496 kanti uValentine wagcina esehlonishwa, esebizwa ngokuthi uSaint Valentine.
Nakhu ongakwenza ngalolu suku:
AbaseShaka Marine World bathe abafisa ukuchitha lolu suku nabathandiweyo babo kufanele bathenge amathikithi ezindawo ezihlukene zokujabula kusukela kwezokujabulisa izingane kuya kwezokudlela.
Bathe izithandani zingajabulela ukudla ezitolo zokudlela ezihlukene okubalwa iCargo Hold nezinye.
Abazobhukha ukudla eCargo Hold ngeValentine’s Day bazothola ithuba lokubuka imvelo yasolwandle kwi-aquarium mahhala.
Imininingwane ngokubhukha itholakala kwi-website yaseShaka Marine World.
Akhona namakilasi okudansa i-tango enziwa mahhala kusukela ngo-12 emini kuze kube wu-4 ntambama.
Abanezithandwa bayakwazi nokuzikhipha baye kwi-picnic, baziphathele izidlo neziphuzo.
Bangaya emapaki nasema-botanic garden okuvamise ukuthi kungenwe mahhala kuwo.
Labo abengenazo izithandwa akufanele baphatheke kabi ngoba bayakwazi ukuzikhipha ngabodwana.
Abendawo yokungcebeleka iGranny Mouse, bathe abantu kufanele bafunde ukuzithanda bazikhiphe ngabodwana bayolala kule ndawo engaseMgungundlovu.
Bathe uma ungenaso isithandwa kufanele iValentine’s Day kube wusuku oluchitha nabangani ngoba ningenza izinto ezihlukene noma nishaywe wumoya nizijabulise.
Umuntu ongenaye umuntu athandana naye angaya kwi-spa ayobhucungwa.