SINENKINGA yabazali besimanjemanje abangakwazi ukulinda uma oyedwa esanda kubeletha. Ngezikhathi zomama bethu, ingane ibingeqiwa ingakafiki ezinyangeni ezine noma eziyisithupha.
Isizukulwane sabazali banamhlanje, silala ingane inamasonto amathathu nje vo, izelwe. Lokhu kuyethusa futhi kwenza ube namahloni.
Ngokwazi kwami ingane esanda kuzalwa iyahlonishwa ukuze ikhule kahle ingabi nesidina. Nowesifazane osanda kubeletha kumele azihloniphe ukuze aphole kahle. Ulala kanjani ingane isebomvana nawe ungakabi namandla nezitishi zingazikapholi uma ubelethe ngokwemvelo? Uma ubelethe ngomthungo, lowo mthungo usuke usemanzi te. Inkomo isakhandlekile. Eqinisweni isuke isanuka iphunga lokuba ngumdlezane kodwa usukhanukela inkonzo yasekamelweni.
Yingakho sithola umuntu esenyefuza uxhaxha lwezingane sengathi amawele. Enye ikhishwa ngenye ebeleni ngoba anisakwazi ukulinda nokuhlonipha ukuthi nizele. Abanye bakhala ngokuthi indoda kade yalamba ingaze ilingeke iyothola kwenye indawo. Ngivele ngidideke ngoba indoda iyathola kwenye indawo ngisho ungabuyi kozala. Ngezikhathi zakudala owesifazane obuya kobeletha, wayehlala endlini agoye angagcaluzi futhi angathinti lutho ekhishini elethelwa yonke into kuze kube ingane iyakhula. Niyangixaka manje, nigcaluza yonke indawo ngisho emzini yabantu nengane engakaboni ngisho emehlweni.
Mhlawumbe kuya nesikhathi ngoba lokhu enikwenzayo, thina asikwazi. Anginibhangqi ngabhande linye nonke ngoba ngiyazi ukuthi bakhona abazihloniphayo uma bebuya kobeletha. Bakhona abaziyo ukuthi ingane iyahlonishwa awusondeli endodeni ngoba usuke usemanzi namanyonga engakaqini.
Ngifisa sizijwayeze impela silalele abantu abadala uma besitshela ngoba sizala sibancane kanti bona bayazi. Yingakho kuthiwa indlela ibuzwa kwabaphambili. Angikholwa ukuthi ukhona umuntu othanda ukuba nengane enesidina engathandwa ngumuntu nehlezi inyemfuka. Sizigade izinto esizenzela ukujabulisa imizwa yethu ekubeni zigqilaza izingane. Indoda ayibaleki. Musani ukukhathazwa wukuthi izoya kothola kwenye indawo ngoba wena usewumdlezane. Uma yehluleka ukuzithiba, iyobe yenza into eyijwayele ezobe ingayiqali ngoba nakhu usubelethile. Umuntu onendaba nawe ngeke ahlulwe ukubekezela izinyanga ezine nje vo. Asifundeni ukuzithanda nokuzihlonipha. Owesifazane osanda kubeletha uyazotha ahlale ekhaya angalokhu egcaluza.