UGUBHE iminyaka emine wavuselela nezifungo zomshado wakhe owesifazane wase-England owazishada yena qobo lwakhe. USophie Tanner (40) wasedolobheni eDevon, ugcizelela ukuthi ukuzithanda wena uqobo kubaluleke njengokuthandana nomunye umuntu.
Umcimbi wokuvuselelwa kwezifungo ubuhanjelwe yinqwaba yabantu abebezombongela. Bekukuhle kudelile kudliwa izibiliboco wena owabona umshado osezingeni eliphezulu.
Ubedansa aze akhase phansi kudlala inoni leThe Greatest Showman elithi This Is Me.
Bekubonakala ukuthi usuku lwakhe olukhulu uyalujabulela futhi nabebehambele umcimbi balokhu bemeseke njalo bemhlalalisela.
Uthe njengoba evuselela izifungo, ujabule uyafa futhi akasoze wasifaka isehlukaniso ngoba kumnandi emshadweni wakhe naye.
Uveze nokuthi kodwa uvule izandla uma kukhona ofisa ukuthandana naye angamemukela yize ezishade yena.
Uthe lesi sinqumo sokuzishada wasithatha esecabange kahle futhi siyamjabulisa akazisoli. Akayingeni eyabantu abamgxekayo abangayizwa kahle indaba yokuzishada.
Njengoba ebuye abe ngumlobi, usebenzise lesi sikhathi ukwethula inoveli yakhe entsha.
“Abanye abantu besilisa abafuni nakuyizwa le nto, bacasuka bafe. Ngiyacabanga ukuthi bazizwa bengakhululekile kahle uma bebona into efana nale," kuchaza uTanner.
- The Daily Mail